Bafana BafanaEzintsha

UDithejane udalula abekucabanga eshaya igoli leBafana

Isihlabani seChicago FC, u-Puso Dithejane, uqale ngendlela emangalisayo kwiBafana Bafana, eshaya igoli emdlalweni wakhe wokuqala.

Leli goli ulishaye ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya i-Egypt ngo-1-0 emdlalweni wobungani ngeSonto ebusuku.

Kodwa bekungelona igoli nje — indlela alishaye ngayo iyona eyenze lakhanga kakhulu.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 uthole ibhola elihle elivela komunye umdlali obeqala ukudlala kwiBafana, uShandre Campbell.

UDithejane akazange esaphaphalaza ngesikhathi ebhekene ngqo nonozinti nomdlali wasemuva be-Egypt.

Wehlise umoya, walikhipha phakathi kwemilenze kunozinti obephumile ezozama ukumvimba, wabe esebhekana nomdlali wasemuva, naye wamshiya elele amankeyane.

Ube esebhekana nenethi evulekile, waliphushela kuyo qede wayojabula nozakwabo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Puso Dithejane udalule obekusemqondweni wakhe ngesikhathi ethola leliya thuba eliyingqayizivele.

“Ngabone ukuthi ngibhekene nomdlali oyedwa, ngakho angangafuna ukutatazela,” kusho yena. 

“Ngicabange ukuthi ngiligcine ibhola. Ngaya kuye, ngakwazi ukudlula, ngabona isikhala ngase ngishaya igoli. ”

Uphinde wachaza ukuthi wenze kanjani ukuthi akwazi ukudlula kunozinti nomdlali wasemuva.

“Ngibone unozinti eza kimi, ngalithinta kancane ibhola laphuma phakathi kwemilenze yakhe. 

“Ngabe sengibona umdlali wasemuva, naye ngamjika,” kuchaza lo mdlali ophuma enkulisa yeKaizer Chiefs.

U-Puso Dithejane uthi ukunqoba i-Egypt kufanele kunike iqembu ugqozi lokuqhubeka nokusebenza kanzima.

“Kithina okusifanele wukuqhubekela phambili. Sineqembu elihle kakhulu, elinamakhono futhi elisebenza kanzima. 

“Sifuna ukufeza esikufunayo, ngakho sizoqhubeka nokusebenza kanzima,” kwengeza yena.

Indlela uDithejana nabanye abadlali abangakwayele ukudlala abasebenze ngayo izokwenza umqeqeshi uPitso Mosimane ajabule ngekusasa leqembu lakhe.