
UWilliams ubhoboka ngokukhuliswa o-5-0 beBrazil neFrance
- Intatheli yeLISENETHINI
Ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, usevule isifuba sakhe ngomuzwa aslala nawo eqala ukudlala ezingeni lamazwe ngamazwe, ikakhulukazi ukuhlulwa kanzima bedlala neBrazil neFrance.
Ukuqala kwakhe ukudlala kwiBafana ngo-2014 kwaba yisifundo esinzima ngesikhathi iNingizimu Afrika ihlulwa yiBrazil ngo 5-0.
Ngemuva kweminyaka, okunye ukuhlulwa ngo 5-0 yiFrance ngo-2022 kwamshiya nomuzwa ofanayo.
“Kuyinto ezohlala ikhona engqondweni yami,” kusho uWilliams, ekhumbula izinselelo asedlule kuzo.
UWilliams usengomunye wonozinti abaphambili emhlabeni njengamanje, futhi uyavuma ukuthi lezi zinselelo zamkhulisa.
“Ngisho nangesikhathi sibhekene neFrance, ngadlala kahle, kodwa akukaze kube kuhle ukudedela amagoli amaningi kangakaya.”
UWilliams usebenzise lezi zikhathi zobunzima njengesisi sokumfaka umfutho, asebenze ngokuzikhandla okuphindiwe.
Ukukhula nokuqina kwakhe manje kumbeke phakathi konozinti abahamba phambili emhlabeni.
Kumanje uyavotelwa ngobuningi njengoba eqokelwe indondo yeYachine Trophy kumaBallon d’Or Awards.
Ungomunye wonozinti abayishumi abahamba phambili abaqhudelana nalokhu kuhlonishwa.
“Kufanele ukholelwe kuwena uqobo futhi usebenzise izithiyo njengophethiloli wempumelelo,” kwengeza uWilliams.
“Ngemuva kokuhlulwa, angizifihli. Ngisebenzisa ukugxekwa ukuziqgugquzela. Ngiyaziqhenya ngokuba la ngikhona namuhla.”
UWilliams njengamanje ugxile ekuholeni iBafana Bafana emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ezayo neCongo.
Umlenze wokuqala uzodlalelwa eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesihlanu, ulandelwe ngowesibili ngemuva kwezinsuku ezine eCongo.
UWilliams ukholelwa ekusebenziseni ukudumala adlule kukho ukuze afinyelele ezingeni elilandelayo.
