EzintshaKaizer Chiefs

UJunior Khanye upopola ihlazo iChiefs elengela kulo

Owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uJunior Khanye, usekusho kwagcwala umlomo ukuthi leli qembu lilengela ehlazweni elibi.

Uthi Amakhosi azophinde aqede ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwiBetway Premiership nakule sizini.

IKaizer Chiefs ingene kuleli hlazo ngesizini edlule, okwenze kwaba nezinguquko ezinqala okukhona kuzo nokushintshwa kwethimba labaqeqeshi.

Nokho ngemuva kokuthi iChiefs ibambene ngo 1-1 neTS Galaxy ePeter Mokaba Stadium ngempelasonto, uJunior Khanye ubona kumnyama nakule sizini. 

Lo mphumela welule isibalo semidlalo esidlalwe yileli qembu likaNasreddine Nabi linganqobi saya kwemine. 

 …iTop 8, luthoJunior Khanye

IChiefs isabambelele endaweni yesishiyagalombili kwilogi njengoba inamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-24.

Ekhuluma kwi-iDiski TV, uKhanye uzwakalise ukungabaza ukuthi leli qembu lakhe lakudala lingakwazi ukubambelela kule ndawo elikuyo noma linyuke.

“Sengike ngakusho lokhu phambilini — iTop 8, lutho!,” kusho uKhanye. “IChippa United inemidlalo emibili esandleni futhi ila nje emuva nje kwayo. 

“Ngiyazi ukuthi imidlalo esesandleni ayisho ukuthi sewunamaphuzu, kodwa uma ngibheka ilogi nendlela iChiefs edlala ngayo, ngeke ibambelele.”

U-Junior Khanye ukugcizelele ukuthi iKaizer Chiefs kumele igxile ekunqobeni imidlalo yayo esikhundleni sokuthembela emiphumeleni yamanye amaqembu. 

“Badinga ukuzenzela bona umsebenzi,” kwengeza le nsizwa esiyingqapheli yebhola.

Uvumile ukuthi iChiefs iqale kahle ngesikhathi ibhekene neTS Galaxy kodwa yazigqilaza ngokuhluleka ukushaya amagoli. 

“Badlale kahle esiwombeni sokuqala. Womabili amaqembu akhombise ukuzimisela impela. 

“IChiefs bekujabulisa ukuyibuka futhi bekufanele iwusonge umdlalo ngokushaya okungenani amagoli amabili noma amathathu,” kusho uKhanye.

“Kodwa abanye babadlali bayo bebengekho emdlalweni. Ukuhlasela kwabo akuzange kugculise. 

“UGlody Lilepo noPule Mmodi bebeseholidini. Yize (uWandile) Duba eshaye igoli, ubevela abuye acashe kulo mdlalo.”

UJunior Khanye uqoke uGaston Sirino wamncoma, ethi, “Njalo lapho ethola ibhola, ubukeka eyingozi.”

Nokho uSirino uhlulwe amathuba amabili abebukeka elula, egeja esebhekene ngqo nonozinti kulo mdlalo.

IChiefs inengcindezi yokuthi iqede isizini ngegiya eliphezulunjengoba sekusele imidlalo eyisithupha kuphela kusongwe iligi. 

Amaqembu eza ngemuva kwayo – njengeChippa neGolden Arrows – abukeka ezimisele ukuthatha indawo yayo kwilogi.

Ukwehluleka ukungena kwiTop 8 kuzophawula impinda yokuphoxeka okwenzeke ngesizini edlule — into uJunior Khanye akholelwa ukuthi kumele ilindelwe.