EzintshaMamelodi Sundowns

Ezinganambitheki ngesimo sikaThemba Zwane kwiDowns

IMamelodi Sundowns kubikwa ukuthi imise izingxoxo zenkontileka noThemba Zwane. 

Inkontileka akuyo njengamanje lo mdlali wasesiswini iphela ngoJuni, kodwa ikusasa lakhe ngathi alikacaci.

UThemba Zwane, oneminyaka engu-35 ubudala, akadlali kusukela ngo-Okthoba ngenxa yokulimala umsipha weqakala. 

Walimala ngesikhathi esemsebenzini wamazwe omhlaba emele iBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela i-Afcon ka-2025 ibhekene neCongo Brazzaville.

Usehlinziwe futhi usepholile kanti usebuyele nasekujimeni naleli qembu laseChloorkop. 

UThemba Zwane kulindeleke ukuthi abonakale emidlalweni yobungani ngaphambi kokuthi abuye emidlalweni esemthethweni.

Okwamanje, iSundowns kuvela ukuthi isafuna ukubona isimo sakhe kuqala ngaphambi kokuthatha isinyathelo esilandelayo ngenkontileka yakhe.

Kuthiwa ikilabhu ifuna ukuhlola ukuqina nokusebenza kwakhe ngaphambi kokumnikeza inkontileka entsha.

“Iqembu lifuna ukumbona ebuyela enkundleni futhi enza okusemandleni akhe kuqala,” kucashunwe umthombo usho kanje kwabeFARPost. 

“Bafuna ukuqinisekisa ukuthi useluleme ngokugcwele futhi usakwazi ukufaka isandla ekusizeni iqembu njengakuqala.”

UThemba Zwane useneminyaka eminingi engumdlali obalulekile kwiSundowns. 

Kodwa njengoba leli qembu lijika indlela yokudlala ngaphansi kukaMiguel Cardoso, uZwane kungenzeka azithole engasenandawo kulo.

Ukungabikho kwakhe kubonakele eqenjini ngesikhathi esanda kulimala, ikakhulukazi emidlalweni yeCaf Champions League.

Nokho kuvela ukuthi uCardoso umagange ukubuyisela uMshishi eqenjini kodwa isimo semidlalo njengoba sekuyosongwa isizini asivumi kahle. 

ISundowns izobhekana ne-Esperance eTunisia ngoLwesibili ebusuku emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeCaf Champions League. 

Ihamba phambili ngo 1-0 eyanqoba ngawo emlenzeni wokuqala ekhaya.

Ekubuyeni kwayo eTunisia, izodlala neKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngeSonto. 

Ukunqoba kuzoyifaka kowamanqamu la izobhekana khona nozonqoba phakathi kwe-Orlando Pirates neMarumo Gallants.

ISundowns isasele nemidlalo eyisikhombisa kwiBetway Premiership. Ixinwe yiPirates ebalandela ngamaphuzu angu-12, kodwa enemidlalo emine engakayidlali.