EzintshaMamelodi Sundowns

UJabu Mahlangu uyihlabe wayihlikiza iSundowns 

Isola lezi ziqhwaga zaseChloorkop ngokufela amathe abadlali baseNingizimu Afrika ngoba zikwazi ukukhona abadlali ababizayo abavela kwamanye amazwe.

Ekhuluma kwiPodact iDiski Shandis, le nsizwa eyayiyisihlabani seKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates isole kakhulu iSundowns.

Iphakamise ukuthi isikimu sesisethwa ngengcindezi yemali eshisiwe ekhishwe kuthenga abadlali— hhayi ngokuhambisana nohlaka lweqembu.

UJabu Mahlangu uthi ukutshalwa kwemali eshisiwe kubadlali laseSouth America kudale ingcindezi yokuthi “kufanele badlale”.

Uthi umthelela walokhu okungenzeka bewungaqondakele wukuthi kubukeleke phansi izihlabani zakuleli ezikwiSundowns.

“Ngeke uthenge umdlali eColombia ngo-R50 million bes engadlali,” kusho uMahlangu. 

Ubalule abaqeqeshi baphambilini beSundowns oPitso Mosimane noRulani Mokwena ukutho bona babekwazi ukubhalansisa kahle.

Uthe nakuba babenabo abadlali bangaphandle “abakhethekile”, abazange babavumele ukuthi kube yibo umgogodla weqembu.

Ukugxeka okukhulu kukaMahlangu ukuqondise ezinhlakeni zokuthuthukisa abadlali abasebancane. 

Ukholwa ukuthi indlela esuka eqenjini leDstv Diski Challenge (DDC) eya eqenjini lokuqala isivele yavaleka kubadlali abasebancane.

“Angicabangi ukuthi abaqeqeshi beSundowns bayikhathalele intuthuko yekilabhu… 

“Bayakunyusa, udlale kanye, bese singaphinde sikubone – babolekise ngawe.”

Ukuphawula kukaJabu Mahlangu kuveza ukwesaba okukhulayo ngekusasa lebhola lakuleli.

Kuvele kunombono wokuthi izinga leBafana Bafana belinyuke nje yingoba iSundowns beyisebenzisa abadlali bakuleli kakhulu. 

Ngokubeka phambili ukuthengwa kwabadlali bakwamanye amazwe, uMahlangu uxwayisa ngokuthi uhlaka lokudlala lweSundowns olwaziwa nge”Shoeshine and Piano” luyafa.