
Inselelo yokulinyalelwa kwiChiefs ngaphambi koweDowns
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ubhekene nenselelo enkulu yokuhlela kabusha udonga lwakhe lwasemuva.
Le nselelo uNabi kumele abhekane nayo ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup ngeSonto abazobhekana kuwo neMamelodi Sundowns.
UMiguel Inacio uthole ukulimala emdlalweni wakamuva la bebambane khona ngo 1-1 neTS Galaxy.
Lo mdlali odlala emuva maphakathi ushelelile walimala, kwadingeka ukuthi akhishwe ngohlaka.
Indawo yakhe ithathwe ngu-Edmilson Dove ngomzuzu ka-80 — ngaphambi kokuthi iKaizer Chiefs idedele igoli.
Okwenza izinto zibe zimbi kakhulu, uRushwin Dortley naye akakelulami ekulimaleni kwakhe.
Mancane amathuba okuthi angabuya ngaphambi kwalo mdlalo wangeSonto.
Lokho kushiya iKaizer Chiefs izace kakhulu emuva kwazise noReeve Frosler obejwayele ukuqala imidlalo ulimele.
UNabi uthe basazozwa ngodokotela ukuthi sinjani isimo sika-Inacio kodwa ngendlela laimale ngayo akuthembisi.
“Sizobona ukuthi uzobe ekhona yini emdlalweni olandelayo,” kusho uNabi.
IKaizer Chiefs ivele idonsela kanzima kwiligi kanti sekubhekwe ibuyise isithunzi ngeNedbank Cup.
Ayikanqobi emidlalweni emine edlule futhi indawo yayo kwiTop 8 isengozini njengoba amaqembu asemvakwayo eyixina nje.
Naphezu kwengcindezi, uNabi usenethemba. Usakholelwa ekutheni ukuqeda emaqenjini amane aphezulu kusangenzeka.
“Njengamanje sigxile ekubhekaneni nomdlalo ngamunye,” kuchaza lo mqeqeshi osenengcindezi enkulu.
“Kuzoba nzima ngoba silahle amaphuzu, kodwa sizobona ukuthi siphelelaphi.”
Nokho inselelo elandelayo ngeyokuhlanganisa indlela yokuvimba iSundonws ngeSonto.
UDortley ugcine ukubonakala behlulwa ngo 1-0 yiSundowns ngenyanga edlule.
Kulowo mdlalo, uDove wabuya, wavala isikhala emuva kwesokunxele la kwakubukeka kuxega khona.
IKaizer Chiefs isaxega nokho kule ndawo. Emdlalweni odlule kubuyiswe uBradley Cross.
Uma uMiguel noDortley bengalulami, uNabi uzophoqeleka ukuthi athembele kuDove noGiven Msimango emuva maphakathi nenkundla.
Njengoba iSundowns isefomini enhle nje futhi ihlose ukuthola le ndebe, iChiefs kuzomele iqine emuva.
Lo mdlalo owandulela owamanqamu oseLoftus Stadium uthembisa ukuthi uzoba yisivivinyo esinzima — futhi ukuguqulwa kodonga lwasemuva lweChiefs kungaba yinselelo enkulu kaNabi.
