
UTso Vilakazi uphawula ngokukhula kukaMasilela kwiPirates
Owayengumdlali we-Orlando Pirates, uBenedict “Tso” Vilakazi, usechome olwegwalagwala u-Simphiwe Masilela, oseqala ukuzakhela igama kuleli qembu.
UMasilela ukhushulelwe eqenjini elikhulu kule sizini, wanikwa ijoka ebelibukeka lisinda.
Unikwe umsebenzo wokudlala indawo ebidlalwa oRelebohile Mofokeng, uSipho Mbule noPatrick Maswanganyi endimeni kaNombolo 10.
Nokho, lo mdlali osemncane ubonakala lingamsindi leli joka njengoba eqhubeka nokwenza kahle futhi esephenduke intandokazi yabalandeli ngokushesha.
UTso Vilakazi uthi okuhle ngo-SImphiwe Masilela yindlela asiza ngayo ekuhlaseleni, aphinde axhumanise abadlali basesiswini nabagadli.
“UMasilela wenza kahle kakhulu. Uyasiza ekuhambiseni ibhola uma iqembu lihlasela futhi useqalile nokushaya amagoli kwiPirates,” kusho le ngwazi.
“Ngiyathanda ukuthi akabi kude nomgadli wakhe. Uyaqinisekisa ukuthi konke akwenzayo ukwenza eseduze nendawo okuhlaselwa kuyo.
“Yileyo indlela okufanele udlale ngayo uma unguNombolo 10.”
Uqhube ngokuthi umdlali odlala le ndawo akumele azithole ehlala ezinhlangothini uma iqembu lidlala ngomgadli oyedwa.
- FUNDA NALA | UDa Cruz uveza inkinga emxakile kwiChiefs
Uthi uMasilela wenza kahle ngokuxhumanisa abadlali basesiswini nabagadli, esizwa nangozakwabo basesiswini.
UTso Vilakazi ukholelwa ekutheni le ndlela yokudlala iyamsiza u-Simphiwe Masilela ukuthi abe nomthelela omkhulu emdlalweni wePirates.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
