EzintshaMamelodi Sundowns

Akucaci ngesethenjwa seSundowns ebheke ‘empini’ eMorocco

IMamelodi Sundowns ingase ingabi nomunye wabadlali bayo abamqoka emlenzeni wesibili womdlalo wamanqamu weCaf Champions League.

Lezi ziqhwaga zasePitoli zizophinde zigadulisane ne-AS FAR Rabat ngeSonto.

Umdlali wasemuva u-Aubrey Modiba akucaci ukuthi uzokwazi yini ukudlala ngemuva kokulimala emlenzeni wokuqala. 

Leli xele eliyidova nakwiBafana Bafana libe nomkhankaso omuhle kulo mqhudelwano.

Nguye futhi obeke i-Mamelodi Sundowns ethubeni elihle ngegoli alishaye emlenzeni wokuqala eLoftus ngempelasonto edlule.

Nokho uphume eselimele, okusolakala ukuthi uklunyuke umsipha wethanga ngemuva.

AMasandawana awakasikhiphi isibuyekezo esisemthethweni ngesimo sakhe, kodwa izinkomba ziveza ukuthi uModiba angase angabi khona kulo mdlalo. 

Ukungabibikho kwakhe kungase kube nomthelela omkhulu kumqeqeshi uMiguel Cardoso namaBrazilians.

I-Mamelodi Sundowns ibheke emlenzeni wesibili yazi ukuthi idinga okungenani ukudlala ngokulingana ukuze iphakamise le ndebe okwesibili.

Nokho ukulahlekelwa ngumdlali osezingeni likaModiba esigabeni esibaluleke kangaka kungase kuphazamise izinhlelo.