
Uhlalelwe yisinqumo esinzima uMaema, iSimba isazimisele
Iziqhwaga zaseTanzania i-Simba SC kubikwa ukuthi zinentshisekelo yokusayinisa ngokuphelele umdlali weMamelodi Sundowns u-Neo Maema.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi iSimba isiziqalile izingxoxo ezisemthethweni njengoba ibheke ukuqinisekisa isikwati sayo sesizini ezayo.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ubeqiwa yijezi kwiSundowns yize ebekhombisa ukuba nekhono elihle.
Ube esebolekiswa kulezi ziqhwaga zaseTanzania lapho efike khona waba ngumdlali obalulekile.
Yize i-Simba SC izimisele ngokumgcina, u-Neo Maema kukholakala ukuthi unezinye izesheli eNingizimu Afrika.
Ikusasa lakhe eChloorkop alicaci njengamanje njengoba iSundonws isavele inenqwaba yabadlali kule ndawo adlala kuyo.
Nokho izinkomba zithi lo mdlali wasesiswini onamava ufuna kuqala ukuzwa ukuthi uSteve Barker uhleleni ngaye.
Kuzoba yima ke ethatha isinqumo ngokuthi uyavuma yini ukuqhubeka adlale eTanzania noma ubuyela ekhaya.
UBarker kulindeleke ukuthi abe nezingxoxo nedlanzana labadlali njengoba i-Simba SC ilungiselela enye isizini ematasatasa.
Amasonto azayo kulindeleke ukuthi abaluleke kakhulu ekucaciseni ukuthi u-Neo Maema ubuyela kuleli noma uyahlala eTanzania.
