EzintshaKaizer Chiefs

UBaartman ubalula izingqinamba abhekane nazo kwiChiefs

Umdlali osemncane we-Kaizer Chiefs u-Luke Baartman uvumile ukuthi impilo yaseNaturena ayibanga lula kuye.

Uthi lokhu kubangelwe ikakhulukazi wukungalitholi ithuba elanele lokudlala kule sizini.

Lo mgadli oneminyaka engu-19 ubudala ujoyine Amakhosi ngo-Agasti 2025.

Ubesuka kwiCape Town Spurs ayihlamuke kulandela ukugawulwa kwayo yizembe, yehlela kwi-ABC Motsepe League.

Nokho ukungena eqenjini eliqala imidlalo kwiChiefs kube nzima kulo mdlali onconywa ngekhono elihle. 

UBaartman udlale imidlalo eyisithupha kuphela kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini kuze kube manje – futhi iningi layo ubesuka ebhentshini.

Ugcine ukubonakala ngo-Ephreli ngesikhathi bedlala ngokulingana nePolokwane City kwiBetway Premiership.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wokugcina we-Kaizer Chiefs, u-Luke Baartman uvumile ukuthi ukuhlala ebhentshini bekumphatha kabi.

“Kuhle ukuba ngumdlali weKaizer Chiefs, kodwa kube nzima ukungadlali njalo ngoba beyiminingi imiqhudelwano,” kusho yena.

UBaartman uphinde wachaza ukuthi kunzima kangakanani ukungena emidlalweni uma iqembu selingaphansi kwengcindezi.

“Uma ungena ngesikhathi iqembu selihlulwa, kuba nengcindezi yokuhlasela ngokushesha.

“Lokho ngezinye izikhathi kwenza ulahlekelwe yibhola bese kufanele ugijime uyovala emuva,” kuchaza yena.

Lo mfanyana uthi ukubekezela kusalokhu kubalulekile njengoba eqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ejimini.

Njengoba kungasekho okudlalelwa yi-Kaizer Chiefs, cishe u-Luke Baartman uzonikwa ithuba ngoMgqibelo.