DStv Premiership

UTovey unombono ohlukile ngo-Ox kwiChiefs

UNeil “Mkhukhu” Tovey, owayengukaputeni weKaizer Chiefs useveze umbono ohlukile ngomdlali leli qembu okubikwa ukuthi lifuna ukumchitha.

Kunemibiko ethi uSibongiseni Mthethwa, ofike kuleli qembu ethwelwe ngeqoma, angase abolekiswe.

ILisenethini ibike ngasekuqaleni kwesonto ukuthi iqembu lakhe lakudala, iStellenbosch FC lihamba phambili kwangase amthathe. 

Kukhona neRichards Bay okuthiwa isisiphakamisile nayo isandla ukuthi ingamthatha uma iChiefs ingamdingi.

UMthethwa akakwazanga ukubuyela ebholeni abelidlala kwiStellenbosch kwisizini yakhe yokuqala kuMakhosi. 

Kodwa uNeil Tovey ubona lokhu kungaba yiphutha elikhulu, futhi unxenxe leli qembu ukuthi licabange kabusha. 

Engxoxweni abe nayo neLisenethini kuleli sonto, uTovey uthi akumele ithathwe ngexhala indaba kaMthethwa. 

“UNasraddine Nabi akangaxhamazeli ngokukhulula noma ukubolekisa uSibongiseni Mthethwa ngoba iqembu liyamdinga,” kusho uTovey.

“Mina uMthethwa ngimfanisa noWellington Manyathi ngendlela abedlala ngayo ngesikhathi ekwiStellenbosch. 

“UMthethwa ufike ngesikhathi esibi kwiKaizer Chiefs njengoba iqembu lonke belingelihle.

“Kodwa yena ubedlala kahle (kwiStellies) futhi sonke siyakwazi lokho. 

“Kuzodingeka ukuthi uNabi amnikeze uhhafu wesizini bese uma ebona ukuthi akamenzeli umsebenzi awudingayo, usengamdedela ke.”

UTovey uchaze ukuthi kuvele akulula kumdlali omusha ukusheshe ungene egiyeni kwiChiefs.

Uthi okukaMthethwa, obizwa ngelika-Ox ebholeni, kube kubi kakhulu ngoba kushintshwe abaqeqeshi esanda kufika nje.

“UMthethwa ufike kwiKaizer Chiefs kungekuhle neze njengoba leli qembu belishintsha abaqeqeshi. 

“Uma iqembu lingenzi kahle, abadlali abashayeka kakhulu ngabadlali abasha eqenjini… 

“NoMthethwa ubhekane naleso simo. Abadlali abanjengoKhama Billiat, uLeonard Castro, uKeagan Dolly, noPule Mondi, bonke babhekane naleso simo.

“Bafike kwiKaizer Chiefs bacwila nabo ngoba ayikho esimweni esihle njengoba manje seyakhiwa kabusha nje,” kwengeza uTovey.