
Abaholile abeRoyal AM, basikaza ukulufaka kwinyunyana
- Alfred NGUBANE
Kusinda kwehlela kwiRoyal AM njengoba sekuvele ukuthi abadlali nabaqeqeshi beqembu leMDC abaholile kusukela ngoJuly.
ILisenethini ithole ukuthi laba badlali baqhamuke nesisombululo sokuba balufake kwinyunyana yabadlali udaba lwabo, kodwa babuye baluhoxisa.
“Angazi kubuye kwenzakalani, kodw ababuye bawuhoxisa umbono wokuthi udaba lufakwe kwinyunyana.
“Kodwa bona abaholile nje bonke eqenjini,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
UMlungisi Masinga oyisikhulu seSouth African Football Players’ Union KwaZulu-Natal uqinisile ukuthi alukho udaba olubikwe kubona
“Akukho okusafikile kithi, okungenzeka ke ukuthi wudaba lwangaphakathi eqenjini okwamanje,” kusho uMasinga.
Imizamo yokutho abeRoyal AM ukuthi baphawule ngalolu daba ayiphumelelanga.
Nokho umengameli weqembu, uShauwn Mkhize uzokhuluma kahle nabezindaba ngoSeptember 13.
OLUNYE UDABA: Usefunwa eNaturena owaMaZulu ‘enqabe naye kwiBucs’
Lapha kuzobe sekuphume isinqumo seCas ngesigwebo leli qembu elasinikwa yiFifa.
