Ezintsha

UBwalya unxusa amazwe ase-Afrika ukuthi afunde kwiMorocco

Udaba ngu-Alfred Ngubane

Amaqembu esizwe aseMorocco enza kahle ebholeni lomhlaba muva nje, okufakazelwe yiqembu lika-Under 20 elinqobe iNdebe yoMhlaba ka-Under 20 eChile muva nje.

Ekhuluma neLisenethini ngokukhethekile kuleli sonto, uKalusha Bwalya uthe kumele kube khona into abantu baseMorocco abayenza kahle amanye amazwe angahlomula ngayo.

“Zonke izinhlangano zebhola zase-Afrika kumele zifunde kubantu baseMorocco mayelana nokuthuthukiswa nokuphathwa kwebhola ezingeni lomhlaba,” kusho uBwalya.

“IMorocco idlale ibhola elisezingeni eliphezulu eNdebeni yoMhlaba yaze yafinyelela esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu. 

“Babe yizwe lokuqala ezwenikazi lethu ukufinyelela kuleso sigaba eNdebeni yoMhlaba,” kukhumbula uBwalya.

“Abadlali babo baqala ukukhuliswa emazingeni aphansi. Ubonile ukuthi bebengezona izintandokazi eNdebeni yoMhlaba ka-Under 20.

“Kodwa bahlule zonke izimbangi ezinzima ebeziphambi kwabo bagcina sebengompetha bomhlaba.

“Abadlali baka-Under 20 baseMorocco bazongena khaxa eqenjini lesizwe elikhulu ngoba bonke badlala ngendlela efanayo.

“Iqembu lesizwe laseMorocco lizophonsela inselelo amazwe amaningi kwi-Africa Cup of Nations neNdebe yoMhlaba,” kwengeza uBwalya.

IMorocco yiyo ezosingatha i-Afcon ngoDisemba futhi isanda kwakha izinkundla ezisezingeni lomhlaba.

Ingelinye lamaqembu ayizintandokazi ukunqoba lo mqhudelwano, ikakhulukazi njengoba izbe ingosokhaya futhi ilungiselela ukuya kwiNdebe yoMhlaba.