
Okwenza uBroos agiye iChiefs neDowns bephuma kwiCarling KO
Njengoba iBafana Bafana ibheke kwi-Africa Cup of Nations eMorocco kulo Disemba, umqeqeshi uHugo Broos uselubekile uhlelo lokulungiselela lo mqhudelwano.
Kodwa lo mqeqeshi weBafana usephinde wabhekana nempi ayijwayele nePremier Soccer League (PSL).
UHugo Broos ukuqinisekisile ukuthi iqembu lesizwe lizoqala ukukhempa eTuks Sports Centre ngomhla ngoDisemba 8.
Liyobe selindizela eMorocco ngoDisemba 17 — kusasele izinsuku ezinhlanu ngaphambi komdlalo wayo wokuqala kwi-Afcon.
Nokho umdlalo wamanqamu weCarling Knockout obekelwe ukuba ngoDisemba 16 ungase uphazamise konke lokho.
Ukuphazamiseka kungenzeka ikakhulukazi uma i-Orlando Pirates, esekhona kulo mqhudelwano, ifinyelela kowamanqamu.
Lokho kungasho ukuthi kungaba nedlanzana labadlali abamqoka abangaphuthelwa ukuqala kwekhempu yokuziungiselela.
“Ngethemba ukuthi sizosheshe siqala ukuzilungiselela, kodwa okwesibili i-PSL ayivumanga ukusebenzisana nathi,” kusho uBroos.
“Mhlawumbe abathandi ukukuzwa lokhu, kodwa ngiyajabula ukuthi iChiefs neSundowns sebephumile kulo mqhudelwano.”
FUNDA NALA | UBwalya ufuna ase-Afrika afunde kwiMorocco
Khonamanjalo ezikaHugo Broos zizodlala neZambia ngesikhathi sekhefu leFifa ngoNovemba emdlalweni wokulungiselela i-Afcon.
