Ezintsha

UMarshall Munetsi uphawula ngomthelela kaMusona noBilliat

Lo mdlali owake wagijima kwi-Orlando Pirates, manje osekwiWolverhampton Wanderers e-England, uthi ukufika kukaMichael Nees kulethe amathemba amasha.

“Ungumuntu obonisekayo, yilokho okuhle ngaye,” kusho uMunetsi. Leli qembu liseThekwini la lizodlala khona umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba. 

IZimbabwe izogadulisana neBenin eMoses Mabhida Stadium ngoLwesine, kanti lo mdlalo uzoqala ngo-6 ntambama. 

“Mina naye sabonisana ukuthi kubuyiswe abadlali abadala abanjengoKnowledge Musona noKhama Billiat.

“Lokhu kungoba banesipiliyoni sokudlala kumaligi amakhulu nakwi-Africa Cup of Nations,” kuqhuba uMarshall Munetsi.

“Abadlali abanesipiliyoni uyabadinga kakhulu eqenjini lesizwe ngoba banolwazi olunzulu kakhulu ngebhola lase-Afrika 

“Bayazazi izimo okubhekwana nazo, abadlali abancane abangazazi bona.” 

UMarshall Munetsi uphinde watshela iLisenethini ukuthi bazodlala neqembu elihlangene kahle kodwa bazolwela ukuthi bathole amaphuzu amathathu kumnyama kubomvu.

IZimbabwe ayiyiqalanga kahle imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba njengoba isemsileni kuGroup C.

Inamaphuzu amabili kuphela ngemuva kwemidlalo emine. Kodwa uMarshall Munetsi akumkhathazi lokho.

Phela leli qembu laseZimbabwe liqalwa kabusha njengoba belike ladingiswa emidlalweni yamazwe ngamazwe yiFiFa kulandela ukugxambukela kosopolitiki kusoseshini owengamele ibhola.

Lokhu kwaba nomthelela omubi kakhulu ebholeni lonkana eZimbabwe njengoba abadlali bavaleleka ukuthi bangadlali kwamanye amazwe.