
UBroos ukhafula umlilo ngabamsola ngokuqokwa kweBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usekubeke kwacaca ukuthi nguyena yedwa onqumayo ukuthi yibaphi abadlali abaqokelwa eqenjini lesizwe.
UHugo Broos kudingeke ukuthi alijike iqembu lakhe elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho neBenin.
IBafana Bafana izobhekana neLesotho ePeter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu ngaphambi kokuya e-Abidjan ukuyobhekana neBenin ngoLwesibili.
Ekuqaleni, uHugo Broos ubebize umdlali wasemuva weTS Galaxy uKhulumani Ndamane.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wamkhipha, wafaka uThabo Moloisane weStellenbosch FC endaweni yakhe.
Isizathu salokho? Wukuthi uNdamane akanayo iphasiphothi eyimvume yokuthi aphume kuleli aye kwelinye izwe.
Lesi sinqumo sigxekwe kakhulu usihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi, obone bebengakwazi ukutholela lo mdlali le ncwadi edingekayo.
Engxoxweni abe nayo nabeSABC Sport uSukazi ukhale ngokuthi ukungabi bikho kwephasiphothi akumele kube yisizathu sokukhishwa komdlali kwiBafana.
Nokho uBroos uziphindisele emuva zishisa izinduku, ezivikela ngokuthi ngeke yena ayalelwe ukuthi enzeni ngeqmebu lakhe.
“Kuyohlale kuyimi okhetha ukuthi ubani oseqenjini lesizwe,” kusho uHugo Broos.
“Uma ngingafuni ukubiza umdlali, ngeke ngimbize.
“Bonke laba badlali balapha ngoba bebafanele, hhayi ngoba intatheli ethile noma usihlalo othile ufuna babe seqenjini lesizwe.”
Ezinye izinguquko ezenziwe kwiBafana Bafana ziphoqwe wukulimala kwabadlali.
Umgadli we-Orlando Pirates, uPatrick Maswanganyi, uphumile, kanti umdlali wasemuva weSundowns u-Aubrey Modiba udedeliwe ngoba enento emdinga abe nomndeni wakhe.
Abangene endaweni yabo nguVuyo Letlapa weSekhukhune United noNdamulelo Maphangule wePolokwane City.
Phezu kokuphazamiseka kweqembu, iBafana ihlose ukuthola amaphuzu ayisithupha kule midlalo ukuze ihlale isethubeni lokungena eNdebeni yoMhlaba.
