
Seligcwale umoya kumqeqeshi onamava kunabo bonke kwiPSL
ISuperSport United kubikwa ukuthi isimkhombe indlela umqeqeshi wayo uGavin Hunt kulandela ukungahambi kahle kwezinto nemiphumela emibi.
Ngokubika kweSunday World, leli qembu lithathe lesi sinqumo njengoba iqembu lidonsa kanzima futhi lisendaweni yokugawulwa yizembe.
Ngokokuqala eminyakeni eminingi iSuperSport izithola isengozini sokudliwa yizembe.
“Iqembu linqume ukukhulula umqeqeshi emsebenzini wakhe namuhla,” umthombo utshele iSunday World ngoLwesine.
“Iqembu manje lisendaweni embi la sisengcupheni yezembe, okuyindawo engajwayelekile kwiSuperSport.”
Lokhu kuphawula ukuxoshwa kukaHunt okwesithathu kulandelana emaqenjini ehlukene ngenxa yemiphumela engemihle.
Phambilini waxoshwa yiKaizer Chiefs ngo-2021. Wasuka lapho waya kwiChippa United kodwa nakhona waxoshwa ngawo lowo nyaka ngoba ephikwa yimiphumela.
UHunt ubevele enengcindezi isikhathi eside. Nokho ukunqoba kwakhe ngo 4-1 kwiKaizer Chiefs ngenyanga edlule kuthiwa kumelulele isikhathi emsebenzini wakhe.
Kuyo le sizini lo mqeqeshi ugubhe umdlalo wakhe ka-1 000 eqeqesha kwiPremier Soccer League (PSL).
Kodwa yize kunjalo, abaphathi babone kungakuhle ake adede njengoba iSuperSport ihlezi endaweni ka-15 kwiBetway Premiership.
Inamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-21 okuyinto eyibeka engcupheni njengoba seyisalelwe yimindlali ayisishiyagalolunye nje kuphela.
U-Andre Arendse, obeyiphini likaHunt, nguyena okulindeleke ukuthi athathe izintambo njengomqeqeshi wesikhashana ngemuva kwekhefu lamazwe ngamazwe leFifa.
Isikhulu sezokuxhumana kwiSuperSport, uBrian Moshoeshoe, senqabile ukuphawula ngalolu daba.
