EzintshaKaizer Chiefs

Uthembisa lukhulu ochizele awaphesheya waqoma iChiefs 

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ubekwiPort Vale FC edlala kwiLeague One e-England kule sizini.

Kodwa ngokombiko weFARPost, ukhethe ukungayivuseleli inkontileka yakhe wabe esejoyina iKaizer Chiefs. 

Ngemuva kokushiya iPort Vale, ubefunwa uthuli yiMotherwell yaseScotland neWigan Athletic yakhona e-England, kodwa wagcina ekhethe ukujoyina Amakhosi.

UChislett usevumelene ngenkontileka yeminyaka emibili neKaizer Chiefs, angakhetha ukuyelula uma iphela. 

Isinqumo sakhe sokubuyela eNingizimu Afrika kuthiwa sincike kwizifiso zakhe ngokwebhola nangokwempilo yakhe uqobo.

Yize ekhulele e-UK kusukela eneminyaka emine, uChislett wazalelwa eThekwini futhi ibhola enkulisa yeSouthampton. 

Kamuva wadlala kumaligi aphansi eSpain ngaphambi kokuzakhela igama kwi-AFC Wimbledon.

Kulapho eshaye khona amagoli angu-16 futhi wakhela ozakwabo ayisishiyagalombili emidlalweni engu-123 phakathi kuka-2020 no-2023.

Ngesizini edlule kwiPort Vale, uyibhakuzise amahlandla amane inethi, wengeza nangokwakhela ozakwabo amathathu emidlalweni engu-25

Ube nesandla kakhulu ekusizeni leli qembu ukuthi likhushulelwe kuLeague One.

Kulindeleke ukuthi uChislett aphonsele inselelo uGaston Sirino noMduduzi Shabalala endaweni yokudlala njengoNo. 10 kwiKaizer Chiefs. 

Umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi uyabazisa abadlali basesiswini abakwaziyo ukusiza nasemagolini.

Futhi ikhono likaChislett lokungena ebhokisi elandela abagadli, ubuhlakani, nokuzinikela kwakhe kungamenza abe ngumdlali obalulekile kwiChiefs. 

Ekhuluma neFARPost, uChislett uthe: “Ngiyakuthanda ukushaya amagoli. 

“Akukho okunye engikujabulelayo ngaphezu kwalokho. Ngicabanga ukuthi nginalo ikhono lokwenza umehluko omkhulu eNingizimu Afrika.”