EzintshaOrlando Pirates

Ngabe noMabasa ‘uzonyamalala’ njengoKimvuidi kwiPirates

UMabasa nguyena mgadli onamava futhi onamagoli amaningi kwiPirates njengamanje, kodwa u-Abdeslam Ouaddou uyamziba. 

Emidlalweni emibili edlule uqale ngoBoitumelo Radiopane, wabe esefaka uYanela Mbuthuma uma esemshintsha. 

UMabasa yena ubengekho ngisho ebhentshini kule midlalo. Omunye umgadli onamava, u-Evidence Makgopa ubekhona ebhentshini kowangoMgqibelo. 

Emdlalweni wokuqala wesizini – ibhekene nePolokwane City kwiMTN8 – iPirates yahlulwa yinqwaba yamathuba.

Lokhu kwashiya abalandeli bekhala ngokuthi ukube uMabasa ubekhona ngabe kukhona okungono akwenzile ngamathuba atholwa yiqembu. 

NangoMgqbelo odlule kube okufanayo iPirates ihlulwa yiSekhukhune United ngo 1-0 koweBetway Premiership.

Ebuzwa ngokungabi khona kukaMabasa, u-Ouaddou uvele wacasha ngesithupha, wathi kungenxa yokuthi uqinile umbango wezindawo. 

Nokho ukuhamba isinyelela kukaKarim Kimvuidi oseoyine iqembu lase-Israel sekususe amahlebezi okuthi kungenzeka okufanayo nangoMabasa. 

Ngaphambi kokuphela kwesizini edlule, abekhona amahlebezi okuthi kunamaqembu amfunayo lo mgadli oneminyaka engu-28 ubudala. 

Ngakho ngeke kuthuse uma naye sekuvela ukuthi useshiyile kuleli qembu ngendlela efanayo nokwenzeke ngayo ngoKimvuidi.

Omunye umdlali naye okungaqondakali ukungadlaliswa futhi naye okuke kwanamahlebezi okuthi kunamaqembu amfunayo nguThalente Mbatha. 

Bobabili uMbatha noMabasa bebengabadlali abamqoka eqenjini ngesizini edlule, futhi ababe nomthelela omkhulu. 

Nokuthenga kwePirates inqwaba yabadlali kuyasolisa ukuthi inezinhlelo zokudedela abathile kodwa kuze kube manje isaqinisekise uMohau Nkota kuphela odayisiwe.

Abanye kubolekiswe ngabo kwamanye amaqembu. Amehlo azobheka u-Ouaddou ukuthi ngeke ababuyise yini oMabasa noMbatha emdlalweni wangoLwesibili. 

IPirates izovakashela iMarumo Gallants eBloemfontein ngoLwesibili emdlalweni weligi oqala ngo-7.30 ebusuku. 

Ngemuva kwalo mdlalo, izoba nomzima futhi obalulekile womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.