
Okusha ngoPercy Tau neZamalek amataniswa nayo
Sekuvele okusha ngomdlali wakuleli okumanje akanaqembu, uPercy Tau wodumo kwiMamelodi Sundowns neBafana Bafana.
Lo mdlalo onamava nekhono elimangalisayo kumanaje akanaqembu kulandela ukuhlukana neQatar SC adlale kuyo izinyanga eziyisithupha kuphela.
Yize bekubhekwe ukuthi aphenduke inyama ngemuva kokuthi eshiye kuleli qembu, futhi etholakala mahhala, kodwa kuze kube manje akanaqembu.
Ubemataniswa kakhulu neZamalek yase-Egypt kodwa manje sekuvele ukuthi lawo mahlebezi angamampunge nje.
Ngokubika kwePhakaaathi, uTau angase aphelele kwiMC Alger eqeqeshwa nguRulani Mokwena kunokuthi aye kwiZamalek.
UTau ungumdlali ohlonishwayo emazweni asenhla ne-Afrika kulandela ukudlala kwakhe kwi-Al Ahly iminyaka emithathu futhi wakhombisa ukuba ngumdlali osezingeni elihle kakhulu.
Lo mbiko uveze ukuthi iWhite Knights ayikaze nje ibe nentshisekelo ngoTau kwazise useke wadlala kwizimbangi zayo ezinkulu, i-Al Ahly.
“Angikuboni neze kwenzeka ukuthi iZamalek imsayine ngoba isivele isayine abadlali abasha abanili abadlala endaweni efanayo naye.
“Ngengikuthole kubantu abasondelene neqembu, angicabangi ukuthi engasayinwa,” kusho lo mthombo.
FUNDA NALA | UVELE WABANDA URIVEIRO KWABEZINDABA E-EGYPT
Nokho kungenzeka azitholele ikhaya kwiMC Alger kaMokwena oze wazama ukumsayina nangesikhathi sakhe kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi engasahlalisekile kwi-Al Ahly.
Njengoba kubhekwe kwiCaf Africa Cup of Nations ngoDisemba nje, uTau kuzomele asheshe alithole iqembu azodlala kulo ukuze abuyele kwiBafana Bafana.
