
UThemba Zwane ngomthelela wabadlali bangaphandle: “Basibeka kwelinye izinga”
Ukaputeni weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane useveze isikhali esenza leli qembu libe yingozi kakhulu – abadlali bangaphandle.
ISundowns inezinhlelo ezinhle eziyivundululela abadlali baseSouth America abafike babe ngamaqhawe asiza iqembu liqine nakakhulu.
Kusukela kwizihlabani zesikhathi esedlule oLenardo Castro noRicardo Nascimento kuya kwabavelele njengamanje oMarcelo Allende, no-Arthur Sales.
Muva nje kukhona umgadli osefomini enhle uBrayan Leon – bonke abenza iSundowns ibe yiqembu elingangeneki noma kanjani.
ULeon, ikakhulukazi, usefike washeshe washaya into ecokeme njengoba esenamagoli angu-10 kuyo yonke imiqhudelwano.
Kodwa ingabe yini eyenza laba badlali basheshe bangene emgqigqweni weMasandawana? UZwane uthi impendulo ilula: ibhola likhuluma ulimi lwalo.
“Sivele sixhumane kahle… abantu babuza ukuthi kwenzeka kanjani, ngivele ngithi sisebenzisa ulimi lwebhola,” kusho uThemba Zwane kwiPitchside Podcast.
“Kungumthwalo wethu njengabadlali asekhulile ukubenza bazizwe bekhululekile ukuze bakwazi ukudlala.”
Wengeze ngokuthi ukwakha isimo esikhululekile nangaphandle kwenkundla kubaluleke njengamaqhinga okudlala.
UThemba Zwane uthi lokhu kusiza abadlali abasha ukuthi bazinze ngokushesha ukuze bafake isandla eqenjini. Futhi imiphumela yalokho iyazikhulumela.
Ngaphambi kwemidlalo yaleli sonto, iSundowns izihola phambili ngamaphuzu amahlanu kwilogi yeBetway Premiership.
Manje, wonke amehlo aphendukela emdlalweni wayo onzima neKaizer Chiefs ngoLwesithathu.
Lona ngumdlalo ongajika kakhulu izinto emjahweni wesicoco la iSundowns ihubhana khona ne-Orlando Pirates.
