
Ishintshe umshovo iKaizer Chiefs koweDowns – idla umzila
IKaizer Chiefs yenze ushintsho olunesibindi eqenjini elizobhekana neMamelodi Sundowns — ayigadile umzila kulokhu, iyawudla.
Emdlalweni wakamuva weSoweto Derby edlala ne-Orlando Pirates, Amakhosi akhetha ukugada umzila ngokuhlala emuva.
Yadlalisa abadlali abathathu abamakayo esiswini, igxile ekugadeni iPirates ukuthi ingazenzeli umathanda.
Yize lokho kuhlela kwayinqanda ngempumelelo iPirates, kwaphinde kwafiphaza ukuhlasela kweKaizer Chiefs.
Noma kunjalo, lelisu laletha iphuzu — ngisho noma indlela eyadlala ngayo yadumaza.
Kodwa isibhekene neSundowns komunye umdlalo omkhulu, iKaizer Chiefs ijike icebo ngokuphelele.
IKaizer Chiefs isishintshele ku-4-3-3, kanti babili abamakayo esesiswini futhi ibonakala izimisele ukuhlasela.
Ushintsho lubonisa inhloso ecacile — ayizele eLoftus Stadium ukuzopaka ibhasi, izele ukuzozama ukudla umzila namaphuzu amathathu.
ISundowns ibophele kanje: Williams – Mudau, Cupido, Ndamane, Modiba – Mokoena, Adams, Allende – Matthews, Zwane, Leon.
Ebhentshini: Onyango, Kekana, Morena, Lunga, Mkhulise, Santos, Ntsabeleng, Shalulile, Rayners.
IChiefs ibophele kanje: Petersen – Cross, McCarthy, Msimango, Monyane – Ndlovu, Maboe, Shabalala – Lilepo, Mmodi, Da Silva
Ebhentshini: Bvuma, Frosler, Miguel, Mthethwa, Cele, Sirino, Du Preez, Vilakazi, Velebayi
