
UPule Mmodi ‘ukokozela’ iDowns: “Ngiyinj’ebomvu emidlalweni emikhulu!”
Umdlali weKaizer Chiefs uPule Mmodi usekhiphe isixwayiso esibheke kwiMamelodi Sundowns, wathi imidlalo emikhulu yiyo emenza avuke inj’ebomvu.
Njengoba umjaho wesicoco seBetway Premiership usushubile, iChiefs ingase iphinde ibe ngundabamlonyeni ngokugila iSundowns igoda elifana neyaligila i-Orlando Pirates kwidabhi yaseSoweto.
Manje, wonke amehlo ashintshela kemdlalweni wayo neSundowns — iqembu elifisa ukwelula igebe elizihola ngalo kwilogi.
Phela iPirates ilincipjhisile igebe laba ngelamaphuzu amabili kuphela ngokunqoba kwiStellenbosch FC ngoLwesibili ebusuku.
Yize ingcindezi iphezulu, uPule Mmodi akathukile. “Ngizizwa ngijabule ngomdlalo. Abafana sebewulungile,” kusho yena ngokuzethemba.
Lo mdlali uvumile ukuthi ukukhathala kwaba nomthelelela ekushizileni kwabo beshaywa yiSiwelele emdllaweni odlule.
Kodwa uyagcizelela ukuthi ngeke zibe khona izaba kulokhu.
Futhi uma kukhulunywa ngokubhekana nompetha, uPule Mmodi ukubeke kwacaca ukuthi umlando awusho lutho.
“Irekhodi likhona, kodwa seliwumlando. Lona ngumdlalo omusha,” kwengeza lo mdlali owazakhela igama kwiGolden Arrows.
“Siya kulo mdlalo sibheke ukuwakhipha wonke amangwevu ukuze sithole umphumela omuhle.”
Yize iSundowns ineqembu elijulile futhi elinezihlabani zodwa, iChiefs ikholwa ukuthi ukuzilungiselela kwayo kungaba umehluko.
“Sisebenzise kahle isonto lonke futhi sazilungiselela kahle,” kuqhuba uMmodi.
Kodwa kube isitatimende sakhe sokugcina esiphendule amakhanda.
“Uma ngithola ithuba, ngingathanda ukushaya igoli… Ngiyathanda ukudlala emidlalweni emikhulu.”
Ngokukhuphuka kwengcindezi nomjaho wesicoco ongugingqigongqo, uPule Mmodi useyiklamile.
Umdlalo wangoLwesithathu ebusuku eLoftus Stadium usungaphezulu komdlalo nje — usungokuzibonakalisa phakathi kwalezi zingqungqulu.
