
UKnox Mutizwa uveza owamsiza ‘enqanyukelwe ulayini’
Udaba ngu-Alfred Ngubane
UKnox Mutizwa usedalule imfihlo yokubuyelwa kwakhe wumgqigqo kwiRichards Bay ngemuva kokucoshwa kwakhe kabuhlungu kwiGolden Arrows ngesizini edlule.
Ekhuluma neLisenethini ngokukhethekile, uKnox Mutizwa uncome iphini lomqeqeshi kwiRichards Bay uPapi “Ginger” Zothwane.
“UZothwane nguyena owangilanda ngesikhathi ngingasebenzi ngemuva kokuxoshwa yiGolden Arrows, lapho ngase ngihlale khona iminyaka eyisishiyagalombili,” usho kanje.
“Kwakuzima kakhulu nginqanyukelwe ulayini ngifuna umsebenzi, kodwa uZothwane wangifonela wathi ngize ngizozama inhlanhla lapha.
“Futhi ngempela, usihlalo weRichards Bay FC (Sifiso) uJomo Biyela, wangamukela kahle.
“UZothwane ungazi kahle njengoba phambilini ubengumqeqeshi wami kwiGolden Arrows,” kwengeza uKnox Mutizwa.
Lo mgadli usewuvuselele umsebenzi wakhe ngemuva kokuthi izinto zimhambele kabi kwi-Arrows ngesizini edlule.
Nguye oqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi bewashisa iDurban City ijezi kwiCarling Knockout ngoMgqibelo ntambama.
UKnox Mutizwa uthi unethemba lokuthi ukubuyela efomini kuzomvulela iminyango eqenjini lesizwe langakubo eZimbabwe.
Lokhu ikakhulukazi njengoba iWarriors isinomqeqeshi omusha kuKaitano Tembo abazana kahle naye.
FUNDA NALA | U-Ouaddou akakhalanga kakhulu bekhishwa kwiChampions League
IZimbabwe izoba yingxenye yeCaf Africa Cup of Nations eseMorocco ngoDisemba.
UMutizwa walahlekelwa yindawo yakhe eqenjini lesizwe laseZimbabwe ngenxa yokwehla kwefomu.
