EzintshaKaizer Chiefs

UThabo Cele uhlonza okubhimbe kwiChiefs koweVitesse

IChiefs iguqiswe yiqembu elidlala esigabeni sesibili eNetherlands, iVitesse Arnhem ngo 2-1 ngoLwesibili.

UThabo Cele uhlaziye ngobuqotho nageqiniso ukuthi yikuphi la inqola igaxele khona, inkinga wayikhomba kubadlali abadlale isiwombe sesibili.

Amakhosi asebenzise abadlali abahlukene ngokuhlukana kweziwombe njengoba umqeqeshi uNasreddine Nabi ebefuna ukubanika bonke ithuba. 

IChiefs ihambe phambili ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala kodwa yangenelwa amagoli amabili, yagcina ihluliwe.

UThabo Cele, ongomunye wabadlali abavelelile esiwombeni sokuqala, usechaze ukuthi konakalephi.

“Esiwombeni sokuqala, besinesineke futhi sihlelekile. Besingawashaya amanye amagoli okungenani amabili ngaphezulu,” usho kanje lo mdlali odabuka eThekwini.

“Kodwa iqembu elidlale isiwombe sesibili belingakaze lidlale ndawonye ngaphambilini, ikakhulukazi ngokohlaka lokudlala ebesilusebenzisa. 

“Lokho kuhlale obala. Kodwa ke vele yilokho okufuneka ngemidlalo yokulungiselela isizini – ukufundana nokwakha ukuzwana eqenjini.”

Umdlalo olandelayo ubukeka uzoba yinselelo yangempela kuMakhosi njengoba ezozwana amandla nezinkuzni zeDutch Eredivisie, iFC Utrecht.

Umdlalo uhlelelwe uLwesihlanu ngo-4 ntambama, futhi uzolandelwa ngokushesha omunye osindayo ne-NEC Nijmegen ngakusasa.

UCele uthi ukushesha kwemidlalo ngalolu hlobo yingcindezi abayidingayo ukuze baqine.

“Le midlalo ezayo izosikhombisa lapho simi khona nokuthi sikude kangakanani nala sifuna ukuba khona. 

“Lena yindlela esiphushela ngayo ezingeni elilandelayo,” kuqhuba le nsizwa yaKwaMashu

Njengoba kunezivivinyo ezimbili ezinkulu emahoreni angu-48, abalandeli beChiefs bangalindela isithombe esicacile sezinhlelo zikaNabi. 

Futhi cishe le midlalo izoveza nokuthi iqembu lakhe angase alihlele kanjani ngesizini ezayo.