
UThabo Cele nendlela iChiefs engaphendula abayigxekayo
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uThabo Cele, usenxuse leli qembu ukuthi liziphendule ngokugxekwa elikutholayo ngokujika izinto enkundleni.
Leli qembu elizinze eNaturena lilungiselela ukubhekana neGolden Arrows emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
IKaizer Chiefs idonsa kanzima kwiligi, kanti uThabo Cele ukholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi izinyawo zabo kube yizo eziphendula ababagxekayo.
Ukuhlulwa ngo 2-0 yiRichards Bay ngoMashi 16, ngaphambi kwekhefu leFifa, kuphawule ukuhlulwa kwayo okwesishiyagalolunye kweyeligi kule sizini.
Amathemba ayo okuqeda emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi abukeka elengela eweni.
Manje sekumele iChiefs izame ukulwela imiphumela emihle emidlalweni eyisishiyagalombili esele ukuze igweme ukuqeda ngaphandle kweTop 8 unyaka wesibili kulandelana.
“Kulezi zimo, ukukhuluma akuyona into edingwa abalandeli kithi,” kusho uCele.
“Sidinga ukuziphendulela enkundleni. Siyabadinga abalandeli, ngisho nasezikhathini ezinzima njengalezi. Ngaphandle kwabo, ngabe kunzima kakhulu.”
UThabo Cele, ojoyine iKaizer Chiefs ngoJanuwari futhi ongumlandeli wayo wokuqina kusukela emncane, ufike wabonakala umehluko yize iqembu lidonsa kanzima.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala odabuka eThekwini uncome ozakwabo ngokumsiza ukuthi azinze ngokushesha.
“Yindawo enhle lena, abantu balapha, ozakwethu, nethimba labaqeqeshi,” kusho lo mdlali okhulele phesheya.
“Inhliziyo yami ibilokhu ikwiChiefs. Ngizizwa ngikahle futhi ngifuna ukusiza iqembu lifeze izifiso zalo.”
IChiefs isebenzise ikhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe ukuzihlela kabusha, nokulungiselela imidlalo yokugcina yesizini.
“Ngemuva kokuhlulwa yiRichards Bay, sabonisana futhi sahlaziya ukuthi konakalephi.
“Ngizwa nginethemba ngomdlalo olandelayo,” kuqhuba yena.
“Sisebenze kanzima futhi sahlanganisa namacebo amasha endleleni esidlala ngayo.”
