
UNkosinathi Sibisi uqinisa abeBucs idolo ngeseligi
UNkosinathi Sibisi uthi i-Orlando Pirates isakholelwa ngokugcwele ekutheni ingasinqoba isicoco seBetway Premiership.
Leli qembu lidumaze abalandeli balo lilahla amaphuzu abalulekile ngesikhathi libambana neDurban City ngempelasonto.
Lo mphumela usho ukuthi iPirates kumele manje ishaye i-Orbit College FC eMbombela Stadium emdlalweni wayo wokugcina.
Yize kube uhlehlile umcimbi ngempelasonto edlule, uNkosinathi Sibisi ugcizelela ukuthi ukuzethemba ngaphakathi ekhempini yePirates kusaqinile.
“Sisekhona, sisangazifeza izinhloso zethu,” kusho uBhodlelangemuva komdlalo.
“Asikho isizathu sokungabaza ukuthi sizosinqoba isicoco. Sikhombisile emdlalweni odlule ukuthi besifuna ukuwina.
“Ngeshwa esikwenzile akwanelanga. Kodwa emdlalweni wethu wokugcina ne-Orbit asikho isizathu sokulahla ithemba.”
Lo kaputeni wePirates uvumile ukuthi abadlali baphoxekile ngokunganikezi abalandeli ithuba lokujabulela isicoco ekhaya.
“Besingathanda ukuqeda isizini ekhaya ngamaphuzu amathathu,” kuqhuba okaMahlase.
“Kodwa bekungadaliwe ukuhti kube njalo, saizamile. Akubanga ngenxa yokudembesela.
“Abafana bazame kwaze kwaba kukhala impempe yokugcina,” kwengeza yena.
Izibalo ziveze ukuthi iPirates izame amahlandla angaphezu kuka-30 ukukhahlelela ipali ibhekene neDurban City.
Kodwa yehluleka wukuthola igoli ebelizoyinika isicoco seligi, okushiye abalandeli belindele ngabomvu umdlalo wokugcina.
Futhi ngokusho kukaNkosinathi Sibisi, lo mcimbi ohlehliswe yiDurban City e-Orlando, usuzoba seNelspruit.
