Betway PremEzintsha

UModiba uthi iSundowns ‘isithandazela’ ukuqhuzuka kwePirates

U-Aubrey Modiba weMamelodi Sundowns uthi abakalilahli ithemba ngesicoco seBetway Premiership futhi basathemba ukuthi i-Orlando Pirates izophinde iqhuzuke.

ISundowns njengamanje igxile emdlalweni wamanqamu weCaf Champions League. 

Futhi ukuthi iBetway Premiership iphelelaphi akusekho ezandleni zabo manje.

UModiba ushaye igoli elilodwa ngesikhathi iSundowns ihlula i-AS FAR ngo 1-0 emlenzeni wokuqala wamanqamu weChampions League. 

Kodwa uthi ngesikhathi iMamelodi Sundowns igxile kule ndebe, iso elilodwa libheke i-Orlando Pirates.

IPirates ibanjwe yiDurban City ngo 0-0 ngoMgqibelo — okuwumphumela ogcina amathemba eSundowns ephila. 

UModiba uvumile ukuthi abadlali bebewubuka umdlalo wePirates futhi umphumela ubaqinise idolo.

“Yebo, kusobala ukuthi ngesikhathi kudlalwa besiwubuka lowo mdlalo,” kusho uModiba.

“Ngesikhathi bedlala besisenethemba, sihlala sinethemba lokuthi kungenzeka noma yini.

“Kodwa siyayazi nekhwalithi ye-Orlando Pirates, nokuthi bayifuna kangakanani iligi.”

Yize i-Orlando Pirates iseyizintandokazi ukunqoba iligi, iMamelodi Sundowns ayikalilahli ithemba ngokuphelele.

AmaBhakabhaka asadinga ukunqoba uma esebhekene ne-Orbit College FC emdlalweni wokugcina ukuze abe ngompetha.

UModiba uthi iSundowns izoqhubeka nokukholelwa kuze kube sekupheleni.

“Ngethemba ukuthi emdlalweni wokugcina bedlala ne-Orbit bazophinde bathole umphumela ofanayo.

“Ngakho-ke sizothemba futhi sithandaze. Sihlala sinethemba, kufanele uhlale unethemba… ngakho yebo, sisenalo ithemba,” kwengeza yena.