Ezintsha

UTau uphendula eyokumataniswa noMokwena

Umgadli we-Al Ahly uPercy Tau usekhulume ngamahlebezi ammatanisa nokuya eMorocco ukuze ajoyine owayengumqeqeshi wakhe, uRulani Mokwena. 

UTau, obe nesizini eyimpumelelo kwi-Al Ahly, ucacise lesi simo ngesikhathi exoxa no-Andile Ncube ohlelweni lwakhe iSports Night Amplified.

“Cha, angizange ngikhulume naye (uMokwena) ngeWydad,” kusho uTau. 

Ugcizelele ukuthi nakuba esondelene noMokwena, izingxoxo zabo aziwuthinti umsebenzi ngaleyo ndlela. 

“Sisondelene kodwa angikaze ngikhulume naye ngomsebenzi,” kugcizelela uTau. 

Uvumile ubudlelwano babo obuqinile kodwa wawuchitha umqondo wokufudukela eMorocco.

“Sizohlangana ndawana thize sikhulume kodwa hhayi mayelana nokuthi ngimjoyine eMorocco.”

UTau, oneminyaka engu-30, ube nesizini encomekayo, esiza i-Al Ahly yanqoba izindebe ezintathu ezinkulu.

Kuzo kukhona isicoco se-Egypt League neseCaf Champions League. 

Yize kusaqhubeka amahlebezi ngekusasa lakhe ku-Al Ahly, uTau ukubeke kwacaca ukuthi ugxile emsebenzini wakhe kumaRed Devils.

Ugcizelele nokuthi akazimisele ngokujoyina uMokwena kuWydad Athletic Club okwamanje.