Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

Isinqumo sabadlali abagajwa kwiBafana ngokuya eMexico

Sekuvele ukuthi bonke abadlali abayisithupha abagcine bengangenanga eqenjini le-Bafana Bafana elikwiNdebe yoMhlaba banqume ukuwubuka kumabonakude lo mqhudelwano.

OBrandon Petersen, Patrick Maswanganyi, Thabiso Monyane, Thapelo Morena, Lebohang Maboe noBrooklyn Poggenpoel basala kuleli qembu.

Nokho ngemuva kwalokho babe sebemenywa ukuba bayobuka umdlalo weBafana neMexico e-Estadio Azteca ngezindleko ezikhokhelwe ngokuphelele.

Lesi sipho besihlanganisa amathikithi endiza, indawo yokuhlala nezinye izindleko, futhi siqhamuke ngokubambisana kukangqongqoshe wezemidlalo, uGayton McKenzie, nabe-Old School.

Ekuqaleni bekubikwa ukuthi uMaboe kuphela ongazange asamukele lesi sipho njengoba efuna ukugxila ekuzilolongeni neKaizer Chiefs ngaphambi kwesizini entsha. 

Nokho, manje sekuvele ukuthi empeleni nabanye abadlali abahlanu nabo balandele ezinyathelweni zakhe.

Lokhu kusho ukuthi bonke laba badlali baphuthelwe ukubona mathupha ukuqala kweBafana kwiNdebe yoMhlaba.

Yize bengayanga eMexico, kubikwa ukuthi bonke laba badlali baqhubekile nokweseka iBafana besekhaya.