
Bakhwele badilika kwephethe uSaleng imemezela okusha ngaye
Ukubolekiswa kukaMonnapule Saleng kwi-Orbit College sekugcine kuqinisekisiwe.
Nokho akwenziwanga yi-Orlando Pirates, kodwa yinkampane ephethe lo mdlali, i-P Management Sports.
Kodwa-ke, obekuhloswe ukuthi kube yisiqalo esisha kulo mdlali wasesiswini onekhono kusheshe kwaphenduka isivunguvungu sokugxekwa.
“USaleng usephinde wahlangana nomqeqeshi uPogiso Makhoye… simfisela okuhle ngesiqalo esisha,” kumemezela le nkampani kwi-X ngoLwesithathu ebusuku.
Abalandeli baphendule ngentukuthelo benomuzwa wokuthi le nkampani ihlulekile ukulusingatha ngendlela udaba lwakhe.
Nokho abanye abalandeli baveze ukujabula ukuthi okungenani uMonnapule Saleng usezophinde abonakale enkundlnei ngemuva kokumiswa isikhathi eside kwiPirates.
Kodwa iningi ligxeke abaphathi bakhe ngokuhluleka — bethi bavumele umdlali osezingeni lokudlala kwiCaf Champions League ukuthi aye eqenjini elisha kanje.
Belilokhu likhula ithemba lokuthi njengoba sekufike umqeqeshi omusha kwiPirates, uSaleng naye uzogcina enikezwe ithuba lesibili lokuzibonakalisa.
Kodwa lokho ngeke kusenzeka okwamanje. Uzothuthela kwi-Orbit College — iqembu elidlala okokuqala kwiBetway Premiership.
Lokhu kuphakamisa ukuthi ukungezwani phakathi komdlali nabaphathi beqembu akuxazululekanga.
Abalandeli baveze ukungenami ngendlela lolu daba oluphethe ngayo:
- @NgwenyaSmm: “Nimenzele phansi uSaleng 🚮🚮🚮🚮🚮 niyinkampani engakwazi ukusebenza.”
- @_Mavuba: “Kungani nidukisa le nsizwa?”
- @Bamthe81: “Nimenzele phansi uMonnapule Saleng … ingxabano yenkontileka ibingase futhi bekufanele isingathwe kangcono.”
- @Czwe_Luvuno: “Umdlali ofana noSaleng akufanele abolekiswe. Kufanele ngabe udlala iCAF futhi aphushele ukungena kwiBafana.”
- @IamDee45: “Mhlawumbe uSaleng wenze okuthile okungalungile ukuthi ikilabhu ayifuni ukukudalula — into embi kakhulu.”
Nokho akubona bonke abakhombise ukulwa. Abanye bazame ukuveza ukusiqonda lesi simo:
- @frankbabosa: “Ngincamela ukumbona edlala khona kunokuthi abolele ebhentshini. Ngimfisela inhlanhla uSaleng.”
UMonnapule Saleng, oneminyaka engu-26 ubudala, uke waba ngomunye wamathalente aphezulu kwiPirates.
Kodwa manje useyodlala ekilabhini lapho ukusinda kuzoba okubalulekile khona kungezona izindebe, kodwa ukuvika izembe.
Ukuphuma kwakhe kwiPirates kuza ngemuva kwezinyanga zokuqagela ngekusasa lakhe.
Amahlebezi abalule izinkinga zenkontileka, izinkinga zokungaziphathi kahle kanti ukungasho lutho ngodaba lwakhe kwePirates akusisizanga isimo sakhe.
