
IChiefs ayingagodoli nemali, ithole umgadli – Khune
Ubuthakathaka obuhlale obala ngeKaizer Chefs ngesizini edlule kube wubuthuntu phambili njengoba ibingenaye umgadli engathembela kuye.
Yingakho bekubhekwe ukuthi leli qembu liqinise emkhankasweni walo wokuhlonza nokusayina umgadli.
Kodwa kubadlali abasaqinisekisiwe ukuthi bajoyine leli qembu njengoba lizivuselela kabusha ngaphambi kwesizini entsha, useyedwa umgadli.
Lo mgadli omusha, uFlavio Da Silva akazange ahlabe umxhwele emdlalweni wakhe wokuqala kwiKaizer Chiefs.
Uqale umdlalo ngesikhathi Amakhosi ehlulwa ngo 2-1 yiVitesse Arnhem emdlalweni wobungani ngoLwesibili ebusuku.
UDa Silva ubedlala yedwa phambili futhi akazange abe nomthelela otheni kulo mdlalo.
Empeleni ngisho abalandeli bayo iKaizer Chiefs abazange bachazeke ngabakubonile kuye.
Omunye umgadli, uTashrique Morris udlale isiwombe sesibili, wahlulwa amathuba amabili amahle futhi abebukeka elula.
Lokhu kukhombise ukuthi iChiefs isadinga ukuthola umgadli oqinile, into inkakha yeqembu u-Itumeleng Khune asanda kunxusa iqembu ukuthi liyenze.
“Abagadli abashibhile neze, uma sikhuluma iqiniso,” kusho uKhune kwiSoccer Laduma muva nje.
“Okwenza bangashibhi wukuthi abagadli yibo abakunqobisa izicoco zeligi.
“Futhi uma unomgadli osezingeni eliphezulu nonozinti osezingeni eliphezulu, uyazi ukuthi uzofaka inselelo esicocweni seligi amasizini elandelana.”
Ukufakazela abekusho, uKhune ube esenza umzekelo ngokwenziwa uPitso Mosimane ngesikhathi eqeqesha iBafana Bafana phambilini.
“Ezinsukwini lapho umqeqeshi uPitso ethatha kwiBafana, wayejwayele ukuqinisa isandla kimi noKatlego Mphela.
“Kungoba wayazi ukuthi uma ngingangenelwa goli, uKiller (Mphela) uzoshaya igoli, bese sinqoba ngo 1-0,” kuqhuba uKhune.
“Lokho kwenzeka ngesikhathi sishaya i-Egypt okokuqala esikhathini eside ngoba angingenelwanga goli, futhi sinomgadli oyibhakuzisayo inethi.
“Uyabona, uma utshala imali kumgadli omuhle nonozinti ofanele, usuke uzokwazi ukufaka inselelo embangweni wesicoco.
“Ngakho iKaizer Chiefs idinga ngempela ukuya emakethe futhi ikhiphe imali, ithole umgadli osezingeni.”
Okwamanje iChiefs isasayine uSilva obedlala e-Indonesia okuyiligi engaqinile kangako kanti inani lakhe lilinganiselwa ku-R6 million ngokweTransfermarkt.
