EzintshaOrlando Pirates

Okwenza uZuma abone i-Orlando Pirates izosidla eseligi 

Sekuphele iminyaka engu-13 i-Orlando Pirates yagcina ukudla isicoco seligi – okuyinto eyihlazo uma ubheka ubukhulu bale kilabhu. 

Ngesikhathi yona itabalasa kwiligi, iMamelodi Sundowns isiyiphendule into yayo njengoba isiyinqobe amahlandla ayisishiyagalombili kulandelana.

Nokho iPirates yona kuule minyaka embalwa edlule isiphenduke omakhonya emiphudelwaneni yomkhumulajezi. 

Kodwa kwiligi idonsa kanzima futhi seyike yaba ngomakoti beSundowns amasizini amathathu kulandelana ngesikhathi ingaphansi kukaJose Riveiro.

Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uqale kabi kwiligi, ehlulwa yiSekhukhune United neMarumo Gallants. 

Abalandeli babe sebefuna ukuthi axoshwe. Nokho ubuye waligeza igama lakhe enqoba imidlalo emithathu yeligi kulandela futhi wavikela isicoco seMTN8. 

I-Orlando Pirates manje isiqoqe amaphuzu angu-12, kanti isilele ngayisishiyagalolunye kwiSundowns.

Kodwa yona inemidlalo emine eyigodle ekhwapheni. Izosingatha iTS Galaxy e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.

UZuma uthi le kilabhu ekugcineni ibukeka isikulungele ukudla isicoco seligi. Uncome ukuluqiniswa kweqembu esiswini maphakathi nenkundla.

IPirates iqinise ngabadlali abasha oSipho Mbule, uSihle Nduli, uMasindi Nemtajela, u-Abdoulaye Mariko noCemran Dansin kule ndawo.

Laba bafikele phezu kukaThalente Mbatha, uSealelo Rasebojta noMakhehleni Makhaula okwenza iqembu liqine kakhulu.

“IPirates isinakho konke okudingekayo ukunqoba,” uZuma usho kanje kwiSoccerbeat Podcast muva nje. 

“Siyazithanda impela izindebe, kodwa abalandeli nezinkakha zeqembu bafuna isicoco seligi manje.”

Uthi leli qembu selinabo buhlakani okufanele esisiswini ukuthi lingakwazi ukulawula imidlalo. 

Kodwa ukholwa wukuthi sekumele liqinise ekwakeni amathuba amahle ukuze abagadli abanjengoTshegofatso Mabasa nabanye bakwazi ukushaya amagoli amaningi.

“Ngokwabadlali, babukeka njengeqembu elihamba phambili kwiPSL,” kwengeza uZuma. “Manje sebedinga nje ukuliihlanganisa, lisebenzisane, bes elijah isicoco.”