Betway PremEzintshaOrlando Pirates

Ziqiniselene izandla kwiPirates neTS Galaxy

I-Orlando Pirates izosingatha iTS Galaxy emdlalweni weligi kanti izobe ibheke ukuwunqoba ukuze iqhubeke nomgqigqo wayo omuhle wakamuva.

Womabili la maqembu asenza kahle kulezi zinsuku kanti umdlalo uthembisa ukuthi uzoba ngothokozisayo – futhi alikho kulamaqembu elizofuna ukulahla amaphuzu. 

Uhlu lwabadlali abaqala lo mdlalo selumenyezelwe futhi manje sekubhekwe ukubona ukuthi yimaphi amaqhinga ezosetshenziswa yilamaqembu enkundleni. 

Ushintsho olugqamile eqenjini lePirates wukuthi uMasindi “John Wick” Nemtajela uqala umdlalo wakhe wokuqala selokhu ejoyine lezi ziqhwaga zaseSoweto esuka kwiMarumo Gallants. 

UNemtajela uzosebenzisana noRelebohile Mofokeng noSihle Nduli maphakathi nenkundla, bese uTshepang Moremi, uKamogelo Sebelebele no-Evidence Makgopa bahole ukuhlasela.

  • IPirates ibophele kanje: Chaine – Hotto, Lebitso, Mbokazi, Seema – Nduli, Nemtajela, Mofokeng – Moremi, Sebelebele, Makgopa
  • Ebhentshini: Buthelezi, Dansin, Mbule, Mariko, Maswanganyi, Appollis, Mabasa, Sibisi, Ndaba
  • IGalaxy yona ibophele kanje: Tape – Motaung, Sibande, Zulu, Ndamane – Mahlambi, Dithejane, Maduna, Mbunjana, Mgaga – Mvelase
  • Ebhentshini: Maseti, Dlamini, Silva, Letsoenyo, Filho, Keita, Moletshe, Oumarri, Zindonga