EzintshaOrlando Pirates

USlim Kat neseluleko kuYanela Mbuthuma ngengcindezi yeBucs

UYanela Mbuthuma nguyena umgadli okubukeka umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou athembele kuye muva nje njengoba eqala ngaye imidlalo.

Yize esenawo amagoli kwiPirates, uMbuthuma usanengcindezi ikakhulukazi njengoba leli qembu lidedele uTshegofatso Mabasa obethandwa abalandeli.

Nokho uJosephs usemeluleke ukuthi angazifakeli ingcindezi ngokuzama ukwenza izinto eziningi kakhulu.

Ubephawula kwiSoccer Beat ngemuva kokuthi lo mgadli osemncane ezame ukugqosha ibhola kodwa washaya into ephelela eze. 

“Umbono wami ngalo mfana, ngicabanga ukuthi uzama kakhulu,” kusho uJosephs owayevimba kwiPirates kudala.

“Wenza izinto ezifanele kodwa kumele afake ibhola enethini. Ngibona sengathi akakhululeki uma esesebhokisini.

“Ngiyazi unengcindezi ngoba abalandeli babheke ukuthi ashaye amagoli – nathi sibheke ukuthi awashaye impela.

“Kodwa kuzoba nzima kuye ukuthi awashaye amagoli uma kwayena ezifakela ingcindezi.”  

UYanela Mbuthuma, oneminyaka engu-23 ubudala, useshaye amagoli amahlanu emidlalweni eyisishiyagalolunye kwiPirates. 

Ijezi ulibanga no-Evidence Makgopa, kanti kukhona noBoitumelo Radiopane olinde ngaphandle ithuba lakhe.