
UCardoso uveza izindawo asafisa ukuziqinisa kwiSundowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, useveze ukuthi usavulelekile ukuqinisa iqembu lakhe yize libukeka lihlome kahle yonke indawo.
Lokhu ukuveze ngemuva kokuthi iSundowns ibambane ngo 1-1 neKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo.
UCardoso uthe ujabule ngokuba nabadlali abaningi akwazi ukubasebenzisa ngezindlela ezihlukee zokuhlasela.
Ubalule ukubuya kukaCassius Mailula nokukhombisa izimpawu ezinhle kukaBennet Mokoena njengentuthuko enhle.
Nokho, lo mqeqeshi uthi lisekhona igebe kwezinye izindawo zeqembu.
“Ngonyaka odlule bengikhononda kakhulu ngokungabi nezinketho eziningi phambili,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Kulo nyaka sesingcono. Lokho kwenza nomqeqeshi abe ngcono.
“Kuyiqiniso ukuthi abanye babadlali abasebancane bayawenza amaphutha.
“Babuye bajahe uma benza izinto. Kodwa ukukhula kwabo kuzofika ngamathuba esibanika wona.”
Ube eseveza ukuthi usenethemba lokuthi abaphathi basazomtholela abanye abadlali azoqinisa ngabo emuva nasesiswini.
“Ngisacabanga ukuthi phakathi nenkundla naseemuva sisadinga okuthile okwengeziwe,” kusho uCardoso.
“Masethembe ukuthi ikilabhu iyasebenza kulokho ngoba le sizini izoba nzima kakhulu.
“Ngicabanga ukuthi sidinga umdlali wasemuva, umdlali wasesiswini, mhlawumbe nomunye ophondweni kwesokudla.
“Sizobona ukuthi yini esingakwazi ukuyenza. Kodwa zikhona izimpawu ezinhle mayelana nokuthuthuka.”
- FUNDA NALA | UDa Cruz uveza okumchaza ngoPhili
U-Miguel Cardoso ukhala ngokuqiniselwa nje iMamelodi Sundowns inelinye lamaqembu amahle kakhulu hhayi kwiBetway Premiership kuphela kodwa ezwenikazi jikelele.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
