Ezintsha

Usizi luzwa olunye kwiRoyal AM echithwe yinkantolo

Kuyibhimbele iRoyal AM njengoba kuvela ukuthi inkantolo yamacala ebhola, iCourt of Arbitration for Sport (Cas) iyichithile.

IRoyal AM beyifake isicelo kule nkantolo ukuthi icubungule bese ijika isigwebo eyasethweswa yiFifa sokungasayini abadlali. 

Lesi sigwebo sisukela ecaleni eyalifakwa uSamir Nurkovic noRicardo Nascimento ngokwehlukana kulandela ukuphulwa kwezinkontileka zabo. 

IFifa yayalela iRoyal AM ukuba ikhokhle uNurkovic imali eyayibalelwa ku-R12-million ngaleso sikhathi. 

Lokhu kwakungenxa yokuthi inkontileka yakhe yayinqanyulwe esahlale izinyanga ezintathu kuleli qembu. 

Yahluleka ukulandela lo myalelo, yabe seyigwetshwa ukuthi ingabasayini abadlali abasha amasizini amabili.

Kuthe kusenjalo kwangena nelikaNascimento, lengeza amanye amasizini amabili phezu kwaleso sigwebo. 

Lokho kusho ukuthi leli qembu kumele likhokhele laba badlali, noma lingasayini abadlali kuze kuphele amasizini amane. 

Lesi sigwebo sesivele siyezwela kuleli qembu njengoba kumanje limisiwe emidlalweni yeDStv Diski Challenge ngenxa yokungabi nabo abadlali. 

Lesi sigwebo asilivumeli nokuthi lisayine abadlali ezinkulisa zalo, okwenze alangakwazi ukuba neqembu elizodlala iDDC kule sizini. 

Abadlali abebeseqenjini leDDC bakhushulelwe kwelikhulu njengoba nakhona kushoda ngenxa yokuthi akusayinwa muntu. 

Njengoba manje iSABC Sport ibika ukuthi isicelo sayo sichithiwe kwiCas, lokhu kusho ukwanda kwezinkinga kwezikaMaMkhize. 

“Inhlangano yokusakazela umphakathi inesiqiniseko sokuthi inkantolo yokwehlulela isichithile isicelo sabo.

“Ibayalele ukuthi balandele isinqumo esakhishwa yiFifa ngokuthi bakhokhele uNurkovic imali akweletwa yona,” ibike kanje iSABC Sport.