Ezintsha

OweleNFD ubalisa ngokumenza acabange ukuduba ibhola

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala odabuka eNelspurit uqokelwe emkhakheni weMotsepe Foundation Championship Players’ Player of the Season emiklome;weni yePSL.

Ngaphezu kwalokhu, uHlophe ufunwa uthuli amaqembu okungenani amanje adlala esigabeni esiphezulusePSL iBetway Premiership.

Lokhu kulandela ukuthi uHlophe ebe nesizini enhle kwiJDR Stars kodwa akaneme neze futhi usecabanga nokuliyeka ibhola. 

UHlophe udlale imidlalo engu-29 futhi washaya amagoli ayisithupha ngesizini edlule kwiJDR Stars. 

Le kilabhu ibe seyidayiselwa usomabhizinisi waseLimpopo uLister Makatoane, ohlose ukuyishintsha igama kube yiLeicesterford City.

Lokhu kushintshwa kwegama kuncike esinqmweni sePSL sokwamukela ukudayiselana kukaMakatoane noNditsheni Nemasisi.

UHlope uhehe amakilabhu amane eBetway Premiership — okuyiMagesi FC, iChippa United, i-Orbit College, neRichards Bay FC.

Nokho uthi uzizwa evinjiwe ukuthi afeze iphupho lakhe lokudlala kwiligi enkulu.

Ekhuluma kwiLokuhle FM ezinze ngakubo eNelspruit, lo mdlali wasesiswini uveze isimo esibi abhekene naso nesingaphethe kahle emoyeni.

“Uma ngithi ngisesimweni esihle, ngizobe ngiqamba amanga aluhlaza qobo. Ngiphindwa yinto engenze nangesizini edlule,” kusho uHlophe. 

“Bekufanele ngabe kumanje sengisayine inkontileka neqembu leBetway Premiership. Kodwa ngisesekhaya njengoba amakilabhu e-PSL eseqalile ukulungiselela isizini entsha nje.”

UHlophe, osasalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe, uthi ikilabhu yehlulekile ukuhlonipha izingxenye zesivumelwano sabo, kodwa iyenqaba ukumdedela.

“Angiqondi ukuthi kungani bemi endleleni yami njengoba amaqembu ekhombisa intshisekelo. Ibuhlungu lento,” kuqhuba yena.

Wengeze ngokuthi uma engavunyelwa ukuhamba, angase anqume ukuhlala isizini yonke engadlali, kunokuba adlale lapho inhliziyo yakhe“ingasekho khona.”

Umcimbi wokuklomelisa abenze kahle kwiPSL ngesizini edlule uzoba ngoJulayi 29, futhi uzosakazwa bukhoma kwiSuperSport nakwiSABC Sport.

Yize uHlophe engase ahlonishwe kulo mcimbi, kodwa inhliziyo yakhe izobe ingekho lapho ngenxa yesimo abhekene naso. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO