EzintshaKaizer Chiefs

Kunxenxwa abeChiefs ukuthi babekezelele uFlavio Da Silva

Lokhu kungemuva kokuthi ukudlala kwakhe ngesikhathi iqembu lidlala imidlalo yobungani eNetherlands kungabajabulisanga abalandeli.

Ukungabaza ikhono lakhe sekuvele kuqalile kwabanye babalandeli, futhi uzobhekwe ngeso lokhozi uma kuqala isizini.

Kodwa umqondisi wezokumaketha weqembu uJessica Motaung usenxuse abalandeli ukuthi bamnike isikhathi sokuzinza.

Lo mgadli oneminyaka engu-29 ubudala ujoyine Amakhosi esuka kwiPersik noPersebaya yase-Indonesia, lapho ebengomunye wabagadli abangalibheki ipali futhi abahlonishwayo.

Kubikwa ukuthi ushaye amagoli angu-39 futhi wakhela ozakwabo ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-78 kumasizini amathathu.

Ngaphambi kokuyodlala ee-Asia, uFlavio Da Silva udlale ePortugal njengoba akhuliswa ezinhlakeni zokuponononga amakhono zeSporting Lisbon.

Ube esedlalela amakilabhu amaningana okubalwa kuwo iBenfica B, SC Covilhã, San Antonio, União Madeira, Mafra, Alverca, Real SC, Amora, neMondercange.

Ukusayina kukaFlavio Da Silva kuMakhosi kwemukelwa ngesasasa nethemba ngesikhathi emenyezelwa kuvela nezibalo zakhe ezithembisayo.

Kodwa ukubhacaza kwakhe ngesikhathi semidlalo yokuzizwa amandla engenangcindezi eNetherlands kubalahlise ithemba abalandeli.

Abalandeli beChiefs kusobala ukuthi balangazelela umgadli ozoshaya amagoli zisuka nje asize iqembu lenze kangcono ngesizini ezayo.

Kodwa uJessica ucele ukuthi abalandeli behlise umoya, wathi abadlali abasha – hhayi uFlavio Da Silva kuphela – badinga isikhathi esengeziwe sokuzinza.

“NJengamanje kusalungiselelwa isizini. Abadlali badinga ithuba — noma ngabe bavela enkulisa noma phesheya,” uJessica usho kanje kwi-iDiski Times.

“Kufanele bazijwayeze izimo, bafunde iqembu elisha, futhi bahlangane nozakwabo abasha. Kumele sibanike leso sikhathi.”

UFlavio Da Silva, owazalelwa eGuinea-Bissau kodwa onobuzwe basePortugal, uzobheka ukugeza igama kubalandeli ngoMgqibelo uma enikezwa ithuba lokudlala.

IChiefs izobhekana neziqhwaga zaseGhana i-Asante Kotoko kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini kule mpelasonto.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO