EzintshaMamelodi Sundowns

Kucaciswa eyokweqiwa yijezi kukaBasadien kwiDowns

UFawaaz Basadien ujoyine iSundowns esuka kwiStellenbosch FC ngaphambi kokuqala kwesizini kanti bekulindeleke ukuthi abe ngomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu. 

Nokho usadlale imidlalo emithathu nje kuphela kwiligi. Futhi lokhu kubeka amathuba akhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana engcupheni.

Echaza isizathu sokumeqisela ngejezi lo mdlali, uCardoso uthe kungenxa yesibalo sabadlali abanabo endaweni adlala kuyo.

KwiSundowns, uFawaaz Basadien ubanga ijezi noDivine Lunga, u-Aubrey Modiba, uThato Sibiya, no-Asekho Tiwani kwesokunxele emuva.

“Inkinga yikhwalithi esinayo kuleyo ndawo. Naphezu kokukholelwa kakhulu kuFawaaz, siyakholelwa naku-Aubrey noDivine, futhi uFawaaz uzoba nalo ithuba lakhe, kusho uCardoso. 

“Ubesebhentshini ngeSonto, futhi ubengadlala. Akazange adlale ngoba bekumele nginqume ukuthi yibaphi abadlali okumele sibaphumuze, hhayi kulo mdlalo kodwa sicabangela nelandelayo.

“Ukube bengisangakwazi ukushintsha abanye ababili, nginesiqiniseko sokuthi ngabe ungenile. Uzolithula ithuba lakhe uFawaaz.”

UCardoso uthe ngenxa yokuminyana kwemidlalo, iqembu alinaso isikhathi esanele sokuzilolonga, okwenza kube nzima ukuthi abadlali bangene eqenjini eliqala imidlalo. 

“Sijabule ngomsebenzi wakhe. Uyazijwazelanisa nalokho esikufunayo. Kodwa ngenxa yokungabi nesikhathi esanele sokuziqeqesha, akalitholi ithuba lokuzibonakalisa. 

“Leyo yinkinga edalwa wukusondelana kwemidlalo. Amathuba okuthi umdlali azibonakalise mancane kakhulu. 

“Kodwa kuzoba nomzuzu lapho izinto zizokwenzeka khona. Uzolithola ithuba lakhe naye njengabanye.”

Khonamanjalo iSundowns izobe ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo wokunqoba uma isivakashele iGolden Arrows emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu. 

Lo mdlalo uhlelelwe ukuba seKing Zwelithini Stadium eMlazi kanti uzoqala ngo-3 ntambama njengoba uLwesithathu kuyiholidi lomphakathi kuleli.