
UBobby Motaung uveza okwenza iChiefs ingatatazeli ngezinguquko
Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung isinxuse abalandeli ukuthi babe nesineke njengoba ikilabhu ilungiselela uguquko olubalulekile ngaphambi kwesizini ka-2025/26.
Ekhuluma noRobert Marawa kwi-#MSW, uMotaung ukhulume ngengcindezi ekhulayo yokuthi iqembu lingafihli elikwenzayo.
Nokho uBobby ukubeke kwacaca ukuthi izimemezelo ezisemthethweni zizokwenziwa kuphela uma isikhathi sesifanele.
“Imininingwane ngokunyakaza kwabadlali yinto esizobhekana nayo ngesikhathi esifanele, ezingeni elifanele,” kusho uMotaung.
“Sinxusa abalandeli bethu ukuthi balinde, izimemezelo ngesizini ezayo zizokwenziwa.
“Izizathu mayelana nokuhamba kwabadlali nakho konke okunye bazozazi uma sekufanele.”
Ukuphawula kwakhe kuza ngesikhathi sengcindezi ekhulayo yabalandeli abafuna ukwazi kwenzakalani.
Le ngcindezi yabo ikhule kakhulu ngemuva kokuthi izimbangi zabo zaseSoweto i-Orlando Pirates isheshe yakuveza ekwenzayo emakethe.
IPirates yethule uSipho Mbule njengomdlali wayo omusha, no-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi ozohola leli qembu.
Manje abalandeli beKaizer Chiefs nabo sebefuna ukwazi ngokwenzekayo – noma okungenzeki eqenjini labo.
UBobby Motaung uphinde waqinisekisa ukuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi usebuyile eholidini futhi manje usebuyele eNaturena.
Phela naye uNabi bekuke kwanemibiko ethi uzogxalwa ngenxa yokuthi abaphathi bebengayiboni ukuthi inqola ibhekephi ngaphansi kobuholi bakhe.
Kodwa uBobby Motaung usekuqinisekisile ukuthi uzoqhubeka nomsebenzi wakhe nangesizini ezayo.
“Umqeqeshi usanda kufika nje, khona namuhla (ngoLwesithathu) kanti sisazoba nemihlangano naye,” kusho yena.
Abaphathi baMakhosi babonakala befuna ukwenza izinto zabo ngokuqikelela ukugwema ukumemezela izinto bese zingcine zingenzekanga.
