
Iphume ilwile iSundowns kwiClub World Cup
IMamelodi Sundowns ibhekane nomdlalo obekufanele iwunqobe ibhekene neFluminense yaseBrazil eHard Rock Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Bekuwumdlalo wayo wokugcina kuGroup F kwiFifa Club World Cup obekudingeka iwunqobe ukuze idlulele phambili kulo mqhudelwano.
IMamelodi Sundowns iqale ngamandla, icindezela futhi yakha amathuba amahle okushaya amagoli.
Ngomzuzu wesithupha, uLucas Ribeiro udedele ishodi ekude, kodwa unozinti weFluminense, uFábio, waliphebeza ibhola lakhe.
Avelile namanye amathuba amahle eSundowns ikakhulukazi esiwombeni sokuqala kodwa yehluleka ukuthola igoli.
IFluminense nayo ibike icindezele kuvalwe amehlo kodwa yiMamelodi Sundonws ebe namathuba amahle kulo mdlalo.
Womabili amaqembu enze izinguquko ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
ISundowns ikhiphe uKeanu Cupido noTeboho Mokoena kwangena uMosa Lebusa noJayden Adams ezindaweni zabo.
IFluminense nokho beyisingcono esiwombeni sesibili, ingasazivuli izikhala ngendlela obekwenzeka ngayo esiwombeni sokuqala.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ubekade eshilo ngaphambi komdlalo ukuthi kuzoba yimpi yamaqhinga – futhi kube njalo.
Yize esiwombeni sokuqala eyinqobile lempi, kodwa ngeshwa, iqembu lakhe alikwazanga ukuthola igoli.
Ukudlala ngokulingana ngo 0-0 kuqede umkhankaso weSundowns kwiClub World Cup, kodwa izobuyela ekhaya ihambela phezulu ngenxa yendlela edlale ngayo.
ISundowns iqede endaweni yesithathu ngamaphuzu amane – ibe yiqembu elingcono kunawo wonke awase-Afrika kulo mqhudelwano.
