
Usebenzela izingane owaduma kwiDowns osesezimayini
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumdlali wasemuva kwesokunxele kwiBafana Bafana neMamelodi Sundowns, uLovers Mohlala, usetohoza ezimayini.
UMohlala wayeyisihlabani ngeminyaka yawo-1990 njengoba ayedlala koWits University, Sundowns, Jomo Cosmos, Silver Stars, AmaZulu, Moroka Swallows, neBlack Leopards.
Wadlala nasemaqenjini esizwe AmaGlug-Glug (SA Under-23) neBafana, nakhona washiya umaka ngekhono lakhe elihle.
Le nkhakha eneminyaka engu-48 manje, useke wakuvuma phambilini ukuthi wayisebenzisa budedengu imali ayeyihola esadlala ibhola.
Ufake isithombe enkundleni yakhe yezokuxhumana eme eduze kwemayini ethile. Nokho akaphumelanga obala ngokuthi ikuyiphi imayini.
“Angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyosebenza emayini,” ubhale kanje uMohlala.
Enkundleni, lo m mdlali wasemuva ozalelwe e-Alexandra wayevimba into ema la.
Ubedume ngokusiza ngokuthi agudle ngolayini uma iqembu lihlasela, eshaya namagoli uma kuvela ithuba.
Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ubelokhu ezama kwezolimo eBrits, eqeqesha nasezikhungweni zokuthuthukisa abafana abasebancane.
“Angikwazi ukuhlala ekhaya ngingenzi lutho. Manje ngisebenzela izingane zami nomndeni,” kusho uMohlala ekhuluma neSunday World ngoLwesine.
“Ngingumphathi wezitokofela kanti umngani wami wangihlanganisa nomphathi wemayini, naye ongumngani.
“Ngeshwa angikwazi ukudalula igama lemayini neminye imininingwane,” kuqhuba yena.
“Indoda kumele ibe matasa futhi ingahlali ingenzi lutho. Ngidayisa nemfuyo eBrits nenyama eBrakpan.
“Umndeni wami (unkosikazi nezingane) use-East Rand kanti mina ngizinze esifundazweni iNorth-West.”
OLUNYE UDABA: Ibuyise umqeqeshi wakudala iSekhukhune
Yize kukhona abebehlekisa ngaye njengoba esesebenza emayini nje, kodwa iningi limkhombise uthando, lakuncoma ukuthi akayena ukhangeziwe.
