EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs uveza okubahehe kubadlali abalaxazwe yiPirates

Laba badlali basayinwe yiChiefs kade besanda kulaxazwa yi-Orlando Pirates abese bedlale kuyo iminyaka eminingana impela.

Laba badlali ababili bebekade belizwa ngendaba ijezi kweZimnyama kumasizini ambalwa edlule, kodwa uMonyane usefike waba ngumdlali oqala imidlalo kwiChiefs.

UMako yena ubekade esalimele kodwa manje useluleme, futhi kungenzeka adlale okokuqala ngoLwesithathu uma iChiefs seyibhekene nePolokwane City. 

UKaze uthi akubalulekile ukuthi umdlali usuka kuliphi iqembu, kodwa abakubhekayo bona wukuthi uzoyenzelani iChiefs. 

“Uma usayina umdlali, awumbheki ngeso elihlukile ngoba esuka ngale kwamakhelwane (kwiPirates),” kusho uKaze kuleli sonto. 

“Usayina umdlali ngoba esezingeni elihle futhi umbona ezokwazi ukwenza umsebenzi omfunela wona eqenjini. 

“Ngikholwa wukuthi bona sebevele bake babhekana nengcindezi lapho besuka khona, ingcindezi efanayo nesinayo lapha. 

“Akulona iqembu elilodwa kuphela elinengcindezi, kodwa maningi amaqembu amakhulu, futhi uma usuka eqenjini elikhulu, usuke usukwazi okubhekwe kuwe.”

UKaze uthe laba ababili bakwazi kahle okubhekwe kubo eqenjini labo elisha, njengoba kukhulunyiwe ngakho nabo nabanye abadlali abasha eqenjini. 

“Ngicabanga kuthi bazi kahle ukuthi bakuphi manje nokuthi sebekwiKaizer Chiefs,” kuqhuba uKaze.

“Sabahlalisa phansi nabanye abadlali abafikayo futhi bakwazi kahle manje okulindeleke kubo futhi bakulungele ukukwenza.” 

IChiefs izobe ibheke ukwakhela phezu komphumela omuhle ebuye nawo eKapa ngempelasonto edlule uma seyidlala ekhaya okokuqala ngoLwesithathu.

Izobhekana nePolokwane City eFNB Stadium ukuzethemba kuphezulu njengoba ukunqoba kungayibeka phezulu eqhulwini kwilogi yeBetway Premiership. Umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.