
U-Andre Arendse uxwayisa ngenkinga yonozinti kwiPSL
Iphini lomqeqeshi weSuperSport United, u-Andre Arendse, selizwakalise ukukhathazeka ngokungabi bikho konozinti baseNingizimu Afrika kwiPremier Soccer League (PSL).
U-Arendse ukholwa ukuthi lokhu yinkinga ekhulayo futhi ekhomba ufa ekuthuthukisweni kwebhola lakuleli.
Unozinti weMamelodi Sundowns nokaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams nguye ophambili kuleli njengamanje.
Uneminyaka engu-33 kanti onozinti abancane baseNingizimu Afrika ababonakali belandela ukuthatha izintambo kuye.
SITHOLE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
USipho Chaine we-Orlando Pirates ungomunye wabambalwa abadlala njalo, kodwa njengoba eneminyaka engu-28, akasona isixazululo sesikhathi eside.
U-Arendse ugcizelele ukuthi amakilabhu ayisishiyagalolunye ePSL njengamanje anonozinti bangaphandle okuyibo abaqala imidlalo.
“Angazi noma kufanele ngiqaphele ukuthi ngikusho kanjani lokhu, kodwa ngikusho ngezinhloso ezinhle – inkinga esibhekene nayo leyo njengamanje.
“Lokho akusho ukungabahloniphi onozinti bangaphandle, kodwa asigxili ngokwanele ekuthuthukiseni onozinti abancane bakuleli,” usho kanje kwabeSABC Sport.
Ubuze ukuthi kungani bengekho onozinti baseNingizimu Afrika abaneminyaka engu-20 noma engu-21 abadlala njalo kwiligi.
“Leyonto ikhomba ukuntuleka kwezinhlelo ezifanele zokuthuthukiswa konozinti,” kwengeza yena.
“Asigxili ngokwanele ekuthuthukiseni onozinti abasebasha abazoba yikusasa lebhola lethu.
“Unozinti wethu omncane wasendaweni odlala kuPSL okwamanje – nigangilungisa uma ngiphambuka – mhlawumbe uSipho Chaine…
“Ngicabanga ukuthi akamncane kangako njengoba eneminyaka engu-28 noma-29, akwanele lokho.
“Ziphi izingane zethu ezineminyaka engu-20? Ziphi izingane zethu ezineminyaka engu-21 ubudala, ezidlala njalo emaqenjini ethu?
“Ngakho-ke lokho kukhomba ukuntuleka kwentuthuko ngendlela efanele ngokombono wonozinti.”
KwiSuperSport United, uRicardo Goss noThakasani Mbanjwa yibona abenza lo msebenzi wokuvimba.
FUNDA NALA | URalani ugonyuluka ngokugejiswa uLorch kwiBucs
U-Arendse, owawina i-Afcon ngo-1996, usesebenzisana nomqeqeshi wonozinti beBafana uGrant Johnson ukulungisa lolu daba.
Unethemba lokuthi ngokwenza ngcono izinhlaka zentuthuko, maduze amakilabhu aseNingizimu Afrika azokhiqiza onozinti abaningi abasebancane abalungele ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu.
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
