
Ushaye esegundwane ‘eluma ephephetha’ uHalaand
Konozinti abaningi, ukubhekana nomgadli waseNorway neManchester City, u-Erling Haaland yisikhathi esivame ukuphetha ngobumuncu.
Futhi nakunozinti weqembu lesizwe laseMoldova, uCristian Avram kube yihlazo impela, kodwa ngendlela exakile kube nesizotha nenhlonipho.
Ngemuva kokungenelwa amagoli angu-11 behlulwa yiNorway ngo 11-1, lo nozinti udalule abekutshelwa yilo mgadli ngemuva kokushaya igoli.
U-Erling Haaland ubelokhu exolisa kuye ngemuva kwegoli ngalinye alishayile – ushaye amahlanu wonke.
Unozinti waseMoldova ulandise ngenxoxo engandile abeba nayo noHalaand, eveza lo mgadli njengomuntu onozwelo yize ebukisa ngokudabula inethi.
“UHaaland ubelokhu exolisa kimina ngemuva kwawo wonke amagoli awashayile,” kusho lo nozinti.
“Ubethi, ‘Ngiyaxolisa, akulona iphutha lakho, kodwa kufanele siqhubeke nokushaya amagoli ukukhava umehluko wamagoli’.”
Lokhu kuwubufakazi bokulambela impumelelo kuka-Erling Haaland kodwa nokucabangela imbangi.
Lo mgadli ubengagcini nje ngokushaya amagoli ukuze awine; ubeshaya igoli ukuze akhuphule isibalo samagoli ezwe lakhe eqoqweni lalo.
INorway ikuGroup I we-Uefa kanti isembangweni onzima ne-Italy ngakho uHalaand ubecabangela ukuthi uma kwenzeka beqeda belingana ngamaphuzu.
INorway ishiya i-Italy ngamaphuzu ayisithupha, kodwa i-Italy isanomdlalo ewugodlile njengoba yona isadlale emine kanti ezikaHalaand sezidlale emihlanu.
FUNDA NALA | Ugwayi katiki kuNabi ngemiphumela kwiChiefs
Seyishaye amagoli angu-24, yangenelwa amathathu kanti i-Italy yona isashaye angu-12, ilandelwe yi-Israel eshaye angu-15.
Yingakho ke u-Erling Halaand ebengalibheki nje ipali, kodwa abuye axolise kulo nozinti osengenelwe amagoli angu-25 emidlalweni emihlanu.
