Ezintsha

Isasasa uLionel Messi ethenga ikilabhu eSpain

U-Lionel Messi usefinyelele esivumelwaneni sokuqala sokuthatha izintambo kwiCD Eldense.

Le kilabhu idlala kwiSegunda División yaseSpain, kanti ukuyithenga kwakhe kuzomenza abe nesinye isiqeshana sebhizinisi ezweni asevele etshale kulo imali.

I-Eldense, ezinze e-Alicante, izoba yikilabhu yokuqala esezingeni eliphezulu lapho uMessi ezoba ngumnikazi omkhulu. 

Ngo-Ephreli, lo mdlali oneminyaka engu-39 wathenga iCornellà, edlala esigabeni sesihlanu eSpain.

I-Eldense isendaweni ka-20 ngemuva kwemidlalo emine kule sizini, kanti kuleli sonto ixoshe umqeqeshi uClaudio Barragán.

Ikilabhu iqinisekise ukuthi u-Lionel Messi uvumelene ngokomgomo nabanikazi bamanje ukuthi athenge amasheya aphethwe yiGrupo TH Soluciones.

Lokhu kuzomenza abe ngumnikazi omkhulu. Nokho, isivumelwano asikaphothulwa ngokuphelele. 

Kusadingeka kuqedwe izinqubo zomthetho nezinkontileka, okubalwa kuzo ukuhlolwa okuphelele kwezimali nebhizinisi nokuthola imvume kwiSpanish Sports Council (CSD).

Akukadalulwa ukuthi u-Lionel Messi uzokhokha malini noma ukuthi ukuthenga kuzoqedwa nini. 

Le kilabhu eyasungulwa ngo-1921 ithe izomemezela konke uma zonke izinqubo ezifanele sezifeziwe.