
Inkakha yeChiefs ixwayisa leli qembu ngoWandile Duba
Ngu-Alfred Ngubane
UPollen “Trompies” Ndlanya, oyongwazi yeKaizer Chiefs useveze ukusaba anakho ngekusasa lo mgadli osemncane waleli qembu uWandile Duba.
Unxusa abaqeqeshi baMakhosi ukuthi bayifakele izibuko indaba kaWandile Duba ngaphambi kokuthi kumoshakale ngoba upopola ingozi emzingelayo.
UNdlanya uthi kusobala ukuthi uWandile Duba wehlelwe wukuzethemba futhi kumele kube khona okwenziwayo ngaye maduze.
“Ungumgadli onekhono, kodwa akasazethembi neze,” kusho uNdlanya owayengalibheki ipali ngezikhathi zakhe engxoxweni abe nayo neLisenethini.
Njengoba abagadli abafana no-Etiosa Ighodaro, Luke Bartman, Ashley Du Preez, Flavio Silva, noKhanyisa Mayo bephambi kwakhe, amathuba kaDuba ayashabalala ngokushesha.
“Uma engathuthuki, iChiefs kumele ibolekise. Udinga ukuba seqejini azodlala kulo njalo ukuze akhule,” kuxwayisa uNdlanya.
Wengeze ngokuthi abadlali abasebancane badinga ukuthi abaqeqeshi babanake ngokukhethekile — ngale kwalokho bangase bagcine bengena enkingeni.
“Uma abadlali abasebancane behlezi bengadlali, bangagcina sebelingekela emikhubeni emibi yezidakamizwa nokunye,” kuqhuba le nkakha.
FUNDA NALA | Indlela yokuvotela elikaNdlondlo kweyeCaf
UNdlanya ukhumbule olwakhe uhambo: “Ngesikhathi ngijoyina iChiefs ngo-1990, ngathola kunezihlabani ezinjengoFanie Madida noShane MacGregor.
“Ngabolekiswa kwiManning Rangers futhi ngabuya ngamandla futhi sengingcono ngo-1995.”
Umyalezo wakhe kwiChiefs? Ayingavumeli ithalente likaDuba liphelele ezeni — ayinyakaze manje.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
