
Asisizeni uNdabayithethwa Ndlondlo athathe le ndondo!
Kwakuwuhlobo lwegoli elenza umuntu aziqhenye ngokuba ngowaseNingizimu Afrika: uNdabayithethwa “Mini Cooper” Ndlondlo wajabulisa wonke umlandeli wakuleli.
Ebona ukuthi unozinti akekho epalini, uNdabayithethwa Ndlondo wadedela elihle ishodi ngonyawo lwesokunxele, ibhola lahamba layokhalakathela enethini.
Leli goli ulishaye kwiCaf Championship of African Nations (Chan) ngoJuni emdlalweni obuphakathi kweBafana Bafana ne-Uganda.
Leso sikhathi somlingo omsulwa, ongaxutshwe nalutho akuyona nje ividiyo ejabulisayo — kodwa siyithuba loMzansi lokuqhakaza ezwenikazi!
Leli goli elimangalisayo likaNdabayithethwa Ndlondlo lisohlwini lwamagoli aqokelwe indondo yeCaf Goal of the Year.
Kodwa-ke izindondo zalolu hlobo aziwinwa ngethalente nje kuphela; zinqotshwa ngokulekelelana kwabantu baseNingizimu Afrika bebonke.
Kudingeka ivoti labantu bakuleli ukuze kusizakale lesi sihlabani sethu sinqonbe le ndondo engakaze inqotshwe kuleli.
FUNDA NALA | UHlungwani uthi iPirates imosha isikhathi ngesikhalo ngeLupopo
Ungavumeli lesi sikhathi esimangalisayo siphele emlandweni! Bonisa ukuziqhenya kwakho.
Ukhumbule leli goli, futhi uqiniseke ukuthi uNdlondlo ubuya nayo indondo yegolide ekhaya!
Ningizimu Afrika, asivoteleni leli goli! 🚀Kulula ukuvota, ngena kule link engezansi bese wehla uze ufike la kunesithombe sikaNdlondlo bese ucofa umvotele.
Cofa lapha uvote manje: https://tinyurl.com/2wrx9rjw
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
