
Usevuke ngeqembu lePremiership ohambe neleChan engaziwa
UMomelezi Dlambewu cishe nguye kuphela umdlali kwabahambe neqembu elimele iNingizimu Afrika obengenagama ebholeni elikhokhelayo kuleli.
Nokho, yize engakadlali kuleli qembu likaMolefi Ntsheki elise-Angola njengamanje, usezitholele iqembu azodlala kulo esigabeni esikhulu uma ebuya.
ILisenethini isithole ukuthi lo mdlali – obedlala kwiGomora United – usethengwe yiDurban City edlala kwiBetway Premiership.
Uma ebuya kwiChan, ngeke esahlala eGoli, kodwa uzofike eseqoqa izimpahla zakhe alibangise eThekwini ukuyodlala ngaphansi kukaGavin Hunt eThekwini.
UDlambewu ungomunye wabadlali abenze kahle kwiGomora United ngesizini edlule futhi ababe nesandla ekutheni igcine inyukele kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngokuthola kwethu, iDurban City ilayelwe lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala odle ngejubane nomjiiko ophikweni njengoba kuthwa uHunt ufuna ukuqinisa kule ndawo.
“UHunt ufuna umdlali kule ndawo yingakho nje eseze wanika uPhakamani Mahlambi ithuba lokuthi bambone ukuthi usakwazi yini ukukwenza lokhu ayekwenza kudala.
FUNDA NALA | Seliqalile izembe kwiDowns, kodwa linombandela
“Kube sekuqhamuka enye inhloli yekhono enamava yabalayela ukuthi babheke uDlambevu, nebala bathola ukuthi uyikho lokhu abakufunayo.
“Abazange besachitha sikhathi njengoba uma ebuya kwiChan uzobe esezodlala kubo,” kusho umthombo.
IGomora United ayizange ilibazise ukumdedela lo mdlali ngoba vele inhloso yayo wukunika abadlali isitebhisi sokunyukela ezingeni eliphezulu.
